IZOKHISHWA ngo-Agasti imiphumela yabafundi abebechibiyela u-matric..
Laba bafundi abevile ku-270 000, baqale ukubhala lezi zivivinyo ngoMeyi 3, baze baziphothula ngoJuni 14.
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, uthe laba bafundi babhale lezi zivivinyo ngaphansi kohlelo i-Second Chance Matric.
Uthe ngalolu hlelo basiza abafundi abasuke bechibiyela, abaphinda leli banga abasuke belifeyile nyakenye, kanjalo nalabo abasabhala u-matric omdala.
“Laba bafundi bathole elinye ithuba lokuthi baphucule imiphumela yabo ka-matric. Babona ukubaluleka kokuba nesitifiketi sika-matric yingakho bephinda babhale.
Uthe bangu-279 000 ababhalile.
“Ukumaka kuqale kuleli sonto kanti imiphumela yabo izokhishwa ngo-Agasti 7, 2023. Sibafisela okuhle bonke ababhalile.”
Kuzokhumbuleka ukuthi umnyango wavala uhlelo lokuthi kubhalwe kabili ngonyaka izivivinyo ezithinta u-matric.
Phambilini, izivivinyo zokuchibiyela u-matric zazibhalwa ngoFebhuwari bese ezinye ziphinde zibhalwe maphakathi nonyaka.
KwaZulu-Natal ukumakela leli banga kuqala ngoJuni 29.
Okhulumela umnyango, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe uhlelo lokuphothula ukumaka luphela ngoJulayi 6.
UNkk Motshekga uthe laba bafundi bathole usizo ngokuthi bafundiswe ezikhungweni ezehlukene ngaphambi kokubhala.
Abafundi abakhokhanga lutho, bebesizwa bhusende nangezinsiza kufunda.
Izifundo abasizwe kuzona kubalwa i-Accounting, Agricultural Science, Business Studies, Economics, English First Additional Language, Geography, History, Mathematics, Mathematic Literacy, Physical Sciences neLife Sciences.
Khonamanjalo: KwaZulu-Natal kulo nyaka zandile izikole ezithole u-100%, zafinyelela ku-2122 zisuka ku-145.
Azikho izikole ezithole u-0% kwangaphasa muntu kuzona.
Izifunda ezingu-11 kwezingu-12, zithole ngaphezu kuka-80% emiphumelweni ka-matric.