UBUZWE nawummeli wakhe unesi ukuthi kwakumayelana nani ukushayelana kwakhe izingcingo nomfowabo ngezinsuku okwathunjwa ngazo umyeni wakhe owatholakala eseshonile?
U-Adv Siphelele Zwane ongummeli kaNksz Nompumelelo Goncalves uphonse lo mbuzo eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesine.
UNksz Goncalves uthe wayeshayela ucingo ubhuti wakhe, uMnuz Nkosinathi Zungu, ongummangalelwa wokuqala ecaleni ngoba efuna ukuthi amsize kokuthile angakuchazanga.
Uqhube wathi noZungu wayenza okufanayo, amthinte ocingweni uma kukhona usizo aludingayo.
Umbuzo kaZwane usuka kokuvezwe ngumshushisi u-Adv Krishen Shah kuthangi, lapho ethe kunoxhaxha lwezingcingo nama-SMS okungaphezu kuka-50 phakathi kukaNksz Goncalves noZungu ngosuku okwasocongwa ngalo umufi.
Laba ababili baboshwa bathweswa icala lokuthumba nelokubulala uMnuz Nkosi Timmy Langa owayengunjiniyela kwaTransnet.
UMbuso usola ukuthi uLanga wathunjwa ngoSepthemba 29, 2020, izinsalela zesidumbu sakhe zatholakala oZwathini, eNdwendwe, ngoNovemba walowo nyaka.
UZwane ubuze lo mmangalelwa wesibili ukuthi wayeyokwenzani esitolo esidayisa impahla yokwakha esisenkabeni yedolobha iPinetown?
UNksz Goncalves uthe akasakumbuli ukuthi yini ayeyoyithenga.
Phambilini, indoda eyavuma leli cala yagwetshwa iminyaka engu-20, yabe isiphenduka ufakazi woMbuso, yathi enkantolo lona wesifazane waya kothenga isicabha esisha njengokomyalelo wayo noZungu.
Yafakaza ngokuthi isicabha esidala sacekeleka phansi ngobusuku abathumba ngabo uLanga besebenzisa indlakadla.
Kodwa uNksz Goncalves ubuchithile lobu bufakazi wathi kwaziqondanela nje ukuthi abe kulesi sitolo ngalolu suku olulandela okwathunjwa ngalo umyeni wakhe.
“Kwaziqondanela nje ngoba asikho isicabha esafa nesisha esafakwa ekhaya, yonke into yayinjengoba injalo endlini,” kuchaza uNksz Goncalves.
Njengenhlalayenza, ubevele azibukele utolika oseduzane kwakhe, ancishe amehlo abasuke bethamele icala, abameli nejaji.
Uze wakhuzwa nguShah, emsola ngokuthi udelela inkantolo ethi indlela enza ngayo sengathi unengxoxo eyinguyazana notolika wenkantolo.
Njengenjwayelo ubekhona enkantolo unina kaZungu nodadewabo kaLanga, behlezi ngokuqhelelana emabhentshini asenkantolo.
Ijaji elibambile, uSolwazi Bonke Dumisa. lilihlehlisele uJanuwari 18, wonyaka ozayo, icala okulindeleke ukuthi uShah noZungu bethule izethulo ezendlalela ukukhishwa kwesinqumo sokuthi ayabalahla amacala abammangalelwa noma baphuma phambili.