SEKUPHINDE kwahlehliswa ukuvotelwa koMvikeli woMphakathi u-Advocate Kholeka Gcaleka, obekumele kwenzeke ePhalamende ingakapheli le nyanga.
Ukuvota kwamalungu ePhalamende sekuhlehla okwesibili njengoba ingatholakali indawo yokuhlala iPhalamende emva kokuba ingxenye yePhalamende yasha.
USomlomo wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uthe bazonquma olunye usuku okumele kuhlale ngalo iPhalamende ukuze bavote uma sebethole enye indawo.
Bekumele kuhlale iPhalamende ngoSepthemba 21 ukuze kuvotelwe noma kuchithwe u-Adv Gcaleka owaphakanyiswa amalungu ekomiti ebelithungatha umvikeli olandelayo.
Unobhala wePhalamende uMnuz Masibulele Xaso, utshele ikomiti lasePhalamende ukuthi abakwazanga ukuthola indawo eCity Hall, okuyindawo okuhlala kuyona iPhalamende eKapa ngoba ngoSepthemba 21, kunomcimbi ozobe ukhona.
Amalungu amaqembu ahlukene athe kumele kuhlale iPhalamende kube nengxenye eningi yamalungu ukuze kuvotwe.
UNkk Mapisa-Nqakula uthe kudingeka ukuthi kutholakale enye indawo maduzane ukuze kuhlale iPhalamende wathi uzowazisa amalungu amaqembu.
U-Adv Gcaleka udinga ukuvotelwa cishe u-60% wamalungu ePhalamende ukuze igama lakhe liphasiswe ukudluliselwa kumengameli Cyril Ramaphosa ukuze amqoke ngokusemthethweni kulesi sikhundla.
USotswebhu we-ANC uNksz Pemmy Majodina, uthe uyakweseka ukuhlehliswa kohlelo lokuvotela umvikeli ngoba amanye amalungu ePhalamende azobe engekho ngoSepthemba 21 ngoba azobe esohambeni lwamakomiti.
UMvikeli woMphakathi omusha kudingeka aqokwe ngo-Okthoba 15, njengoba ihlandla lakhe liphela ngo-Okthoba.
Kulo mhlangano kuvele nokuthi isabelomali samaphakathi nonyaka sikaNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, sihlehlisiwe.
Kuvele ukuthi sihlehliselwe uNovemba 1, 2023 njengoba bekumele sibe ngo-Okthoba 25.
Isizathu salokhu kuhlehliswa ngukuthi amalungu asemakomitini ahlukene azobe ehambele kwamanye amazwe.
Amanye amalungu azobe ese-Angola, ethamele umhlangano we-Inter-Parliamentary Union, umkhandlu wamaPhalamende ahlukene.
UNkk Mapisa-Nqakula uthe uxoxile noGodongwana wavuma ukuthi isabelo sihlehliselwe uNovemba.