OKLEBE KwaZulu-Natal bayaphenya ngencwadi egunyaza umshini ogaya izinhlamvu ovundululwe ehostela laKwaMashu, ngeSonto ekuseni.
Okhulumela oKlebe eKZN, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe akekho umuntu osaboshiwe ngalesi sigameko.
“Kuqalwe uphenyo ukuze kutholakale ukuthi isemthethweni yini incwadi egunyaza umnikazi walo mshini ukuthi abe nawo. Akekho umuntu osaboshiwe,” kusho uMhlongo.
UMhlongo uthe amaphoyisa asebenze ngokubambisana nonogada bezinkampani ezahlukahlukene lapho beshaqe khona lo mshini wokukhiqiza izinhlamvu, o-ova bamaphoyisa ababili, izinhlamvu nezisefo.
Lo mshini nezinhlamvu okushaqwe ngamaphoyisa kuvela ukuthi ungabiza intengo ewuR1 million. Kuthiwa ukwazi ukukhiqiza izinhlamvu ezingu-100 000 ngosuku.
UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ushayele ihlombe amaphoyisa nonogada ngokuvundulula lo mshini.
“Muhle kakhulu umsebenzi owenziwe ngamaphoyisa. Sezithela izithelo ezinhle izithelo zokulwa nobugebengu. Lokhu sikuthatha njengokunqoba okukhulu kithina siwuhulumeni waKwaZulu-Natal,” kusho uHlomuka.
UHlomuka uqhube wathi basemkhankasweni wokulwa nobugebengu nokuyinto uhulumeni wesifundazwe ayibeke eqhulwini.
Ube esenxenxa amalungu omphakathi ukuthi abambe iqhaza ezinhlelweni zokulwa nobugebengu futhi alekelele amaphoyisa ngokuwahlinzeka ulwazi oluzosiza uma icala selingena enkantolo.
Kugxekwe ukutholakala kwalo mshini kuleli hostela eselithathwa ngokuthi kukwalasha.
Abamahlelo ehlukene emphakathini baphonsele inselelo ubuholi bamaphoyisa ukuba buhlinzeke ngezinsiza ukuze kuboshwe okuyotholakala ukuthi kunamacala okumele bawaphendule enkantolo.
UDkt Johan Burger ungumhlaziyi ozimele ngezobugebengu, uthe kuqubula imibuzo ukuba khona kwalo mshini ehostela.
UBurger uthe bakhona abantu abanezimvume zokukhiqizela bona izinhlamvu ezizosetshenziswa yibona.
“Kumina kuzwakala kuyinto engekho emthethweni uma umuntu esekhiqiza izinhlamvu eziningi kangaka ngosuku futhi ekwenzela ehostela. Kumele kubhekwe nokuthi uthini umthetho iFirearms Controls Act ngalolu daba?” kuchaza uBurger.
Uqhube wathi kumele kuphenyisiswe ukuze kutholakale uma sezikhandiwe lezi zinhlamvu zidayiselwa obani bese bezisebenzisela ukwenzani?