SELUZE lwafika usuku lwesinqumo lapho abantu bethola khona ithuba lokukhetha uhulumeni ozobabusa eminyakeni emihlanu ezayo. Ukhetho lwalo nyaka belulindwe ngabomvu futhi luthathwa njengoluzokwehluka kakhulu.
Bangu-27 million abantu bakuleli ababhalisele ukuvota kanti lesi sibalo sinyukile sisuka ku-26 million wango-2019. Angu-70 amaqembu angenele ukhetho kanti bangu-11 abangenele ukhetho ngokuzimela.
Kulindeleke ukuthi abantu bakuleli baphume ngobuningi babo beyovota ezikhungweni okulindeleke ukuthi zivulwe ngo-7 ekuseni zivalwe ngo-9 ebusuku. Usuku lokuvota lumenyezelwe njengeholidi ukuze abantu bathole ithuba elanele lokuyovota.
Isikhulu se-IEC kuzwelonke uMnuz Masego Sheburi, sithe kuqale kahle ukuvotisa labo abebefake izicelo zokuvota ngokukhethekile. Abavota ngokukhethekile baqale ngoMsombuluko kwaqhubeka nayizolo.
USheburi uthe zincane kakhulu izinkinga ezibikiwe futhi bakwazile ukuzisukumela bazilungisa ngokushesha.
“Kuqale kahle kakhulu ukuvota, besinezikhungo ezingu-666 ebezingenabo abavota ngokukhethekile. Ezinye izikhungo bezivotisa abantu ngokukhethekile. Sike saba nezinkinga eMthatha nasePort St Johns kodwa sengeza abasebenzi kwalunga,’’ kusho uSheburi.
Uthe kunabantu abakhononde ngokuthi abakwazanga ukuvota ngokukhethekile ngenxa ygezizathu ezehlukene kodwa bakwazile ukusiza izolo. Uthe kukhona abasebenzi babo abahambele ubala emakhaya bengasabafici ababhalisele ukuvota ngokukhethekile.
Uthe sekuwumsebenzi wabo labo bavoti ukuziyela ezikhungweni bayovota nawowonke umuntu ngeke bachithwe. Uthinte nodaba lwabakhubazekile abangaboni wathi banalo uhlelo lokubasiza.
Uthe nalabo abanenkinga yedumbe ezandleni bazothola usizo bakwazi ukuvota ngendlela enesithunzi nokuhlonipha ilungelo labo. Abe-Commission for Gender Equality bathe bazobe bekhona ezikhungweni beqaphile ukuthi amalungelo abantu athinta ubulili ayahlonishwa yini kungabibikho abacwaswayo.
Bathe bafuna ukubona kubekwa eqhulwini abakhulelwe, abadala, abakhubazekile nabaphethe izingane ezincane kakhulu.
Kulindeleke ukuthi umuntu oyovota aphathe umazisi wakhe oyikhadi noma omdala oyibhukwana onamagabelo. Okunye okugcizelelwayo wukuthi umuntu uzovunyelwa ukuvota esikhungweni ayebhalise kusona.
Umuntu ozokwazi ukuvota kwesinye isikhungo angabhalisanga kusona yilowo owayesifakile isicelo salokho kusenesikhathi. Umuntu uma evota uzonikwa amaphepha amathathu okuvota okulindeleke ukuthi avote kuwowonke ngalinye.
Abe-IEC bazokhipha imiphumela yokhetho ngokusemthethweni ngeSonto kodwa ngaphambi kwalokho izobe ibonakala esikhungweni semiphumela, ilokhu ingena.
Kulindeleke ukuthi izingqapheli zokhetho nezithunywe amaqembu ziluqaphe ngeso lokhozi ukhetho.