KUBHUNTSHE umhlangano wokukhetha ubuholi begatsha le-ANC ku-ward 59 ngaphansi kwesifunda saseThekwini, kudutshulwa amalungu emva kwengxabano okuthiwa idalwe ukungaboni ngaso linye.
Umhlangano obusesikoleni iThumbela Primary ngeSonto, kuthiwa ngawo bekuhloswe ukuphakamisa nokuqoka ubuholi obusha kuleli gatsha kodwa wagcina ubhuntshile ngenxa yengxabano equbukile.
Elinye ilungu le-ANC ebelisemhlanganweni elingathandanga ukudalulwa, lithe kube nokungaboni ngaso linye mayelana nokuqokwa kobuholi njengoba amanye amalungu engeneme ngokuthi kukhishwe ubuholi obudala.
“Bekumele umhlangano uqale kusakhanya kodwa kwaba nezinxushunxushu njengoba kucace ukuthi abaholi abebehola phambilini basafuna ngodli ukubuyiselwa kulezi zikhundla. Umdonsiswano uthathe isikhathi okuthe uma sekuqala ukuba mnyama kwaba khona okhipha isibhamu wadubula okuphethe ngokuthi kulimale amalungu amabili kulesi sehlakalo, aphuthunyiswa esibhedlela,” usho kanje.
Uthe umhlangano wokukhetha ubuholi kuleli gatsha, bewulokhu uhlehla ngenxa yesiphithiphithi esidalekayo uma sekumele ube khona.
“Okumangazayo ukuthi izibalo zamalungu asuke ehambele ukukhethwa kobuholi zisuke zikuvumela ukuthi umhlangano ungaba khona, bese kuba nosikhwili phambana abanezinhloso zokuwona ngoba bevikela isinkwa sabo,” usho kanje.
Kuthintwa ikhansela kule ndawo uMnuz Nkosiyezwe Mhlongo, uvumile ukuthi kube nezinxushunxushu kodwa wacela ukuthi kudlulelwe ebuholini besifunda iTheku njengoba umbiko ubusudluliselwe kubo ukuze buphawule.
UMnuz Mlondolozi Mkhize okhulumela i-ANC eThekwini, uthe yize bese kukhona imibiko efinyelele kubona ngalesi sigameko kodwa basalinde ukwethulelwa umbiko ophelele kobejutshwe yinhlangano ukuthi ahlalise umhlangano.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli ngalesi sigameko.