ZIWU-107 izikhungo ezigcine zingavulwanga izikhungo ezigcine zingavulwanga eMthatha, e-Eastern Cape ngenxa yodlame oluqhubeka esifundeni i-OR Tambo.
Lokhu kuza emuva kokuthi abanikazi bamatekisi bevale imigwaqo bekhala ngokuthi izimfuno zabo aziphendulwanga.
Lezi zindaba zivezwe yiPhini likaKhomishana yokhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), uMnuz Masego Sheburi.
Uthe zikhona nezinye izikhungo lapho ukhetho luqale khona sekudlule isikhathi ngenxa yokuthi bekulindwe izimvilophu.
Uveze ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abantu baqhuba ilungelo labo lokuvota ngokusebenzisana nezinhlaka zokuphepha.
Uveze ukuthi bawu-1.6 million abantu ababhalisele ukuvota okuyisipesheli.
Kulabo bantu abawu-1 million bazovotela ezikhungweni, kuthi abawu-600 000 bavakashelwe emakhaya.
Uveze ukuthi izolo ngabo-2 ntambama besekuvote abantu abawu-230 000 ezikhungweni kanti bebengakababali abavotiswe emakhaya.
USheburi uthe yize zibe khona lezi zinkinga kodwa zincane kakhulu uma ubheka ukuthi izikhungo zokuvota zingaphezu kuka-22 000.
Uthe izinhlaka zezokuphepha ziyalusebenza udaba lwaseMthatha, kanti bazokwazi ukwenza isimemezelo ngesikhathi esizayo ukuthi kuzokwenzekani kulesiya sifunda, kodwa bona njengenhlangano yokhetho bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abantu abathintekayo abalahlekelwa yilungelo labo lokuvota.
Amavoti ayisipesheli azobalwa kanye nawawo wonke umuntu uma sekuqedwe ukuvota.
Uthe abasebenzi base-IEC bazovakashela nasemajele ukuyovotisa iziboshwa.
Uxwayise abantu ukuthi baqaphele imininingwane engesiyo ebhebhethekiswa ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe amavoti azobalwa ezikhungweni zokhetho bese edluliselwa esikhungweni esikhulu sokubala amavoti.
Ugqugquzele ababhalisele ukuvota okuyisipesheli ukuba bavote ngoba ithuba lizovalwa namhlanje.
Bangavota nakusasa ezikhungweni ababhalise kuzo uma kwenzekile ukuthi bahlulekile wukuvota ngezinsuku ezibekelwe amavoti ayisipesheli.
USheburi uthembise ukuthi ukuvota namuhla kuzoba ngcono kakhulu ngoba izinkinga abahlangabezane nazo ngosuku lokuqala lokuvota ngokuyisipesheli bazobe sebezilungisile.
Khonamanjalo, uKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola ekhuluma eHarrismith lapho bekunomviliyelo wamaphoyisa ajutshwe ukuyolekela ezifundazweni okubalwa kuzo iKZN ne-Eastern Cape, uthe umyalelo awunike amaphoyisa ukuthi enze isiqiniseko sokuthi abantu bakuleli bakhululekile ukuthi bavote.
Uthe ubaluleke ukuba banqande ubugebengu benze isiqiniseko sokuthi kunozinzo.