KUPHAKAME imimoya, kwashoda ozogadla kuqala phakathi kukammeli nomshushisi phambi kwejaji ebeliqeda kugweba udilikajele unesi owathenga izinkabi ezabulala umyeni wakhe owunjiniyela.
IJaji elibambile, uSolwazi Bonke Dumisa, ligwebe uNksz Nompumelelo Goncalves (31) eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesibili.
UNksz Goncalves nomfowabo uNkosinathi Zungu (40) bagwetshwe iminyaka engu-10 ngecala lokuthumba, engu-20 ngecala lokuphanga kusetshenziswa udlame nodilikajele ngokubulala okuhleliwe.
Lo wesifazane ubhanselwe ngeminyaka eyisishiyagalombili ngamacala amabili okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Wabika amacala angekho emaphoyiseni okungelokuduka komuntu nelokwebiwa kweveni kamufi uMnuz Nkosi Timmy Langa owayengunjiniyela kwaTransnet.
Wathunjwa kwakhe ePinetown, ngoSepthemba 29, 2020, waklinywa ebulawa emahlathini asoZwathini, eNdwedwe ngalobo busuku.
Ummeli kaNksz Goncalves, u-Advocate Mandla Luthuli, usukume waphonsela inselelo izigwebo ezinikwe lo wesifazane wathi ziqine kakhulu ekubeni usemncane, uyaqala ukwenza icala. Uthe kunobufakazi inkantolo engabamukelanga.
Wenze nezinsolo zokuthi abagwetshiwe babona sengathi inkantolo ithathe kakhulu uhlangothi loMbuso, icindezela bona.
Kusukume umshushisi, u-Advocate Krishen Shah, wakuchitha lokhu wabeka amaphuzu avumelana nokushiwo ijaji.
Kulowo mnyama, uLuthuli usukumile ephikisa obekushiwo uShah, bobabili bemi ngezinyawo.
Bajikijelane ngamazwi baze bakhombana. Ungenelele uDumisa wabakhuza, wathi abehlise umoya, kwahlatshwa ikhefu.
Ubuye ekhefini uDumisa wasichitha isicelo ebesifakwe uLuthuli sokuba kubuyekezwe izigwebo.