KUSUKE esinamathambo izolo ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini, umndeni wephoyisa likamasipala okuboshwe isoka lalo nalo eliyiphoyisa ubona umndeni kamsolwa.
Umsolwa, uMnuz Sizwe Ngema (27) ubevele okokuqala enkantolo ngecala lokubhokoda ngommese uNksz Yolanda Biancha Khuzwayo (24) waze wafa eflethini lakhe (umsolwa) elisenkabeni yeTheku, ngeSonto.
Unina omncane kaYolanda, uNksz Nozipho Khuzwayo, wehlulekile ukuzibamba wafokofisa umndeni kaNgema, ewubuza ukuthi yini oyilande enkantolo.
“Ninesibindi sokuzokweseka umbulali. Yini nje enizoyenza enkantolo?” kusho uNozipho, zehla izinyembezi ebakhomba ngomunwe. Abomndeni kamsolwa abebekhuluma abazange baphendule, bebebukeka bedabukisa.
Ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo uveze ukuthi ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokubulawa kukaYolanda, ubethe ufuna bahlale phansi baxoxe ngokuthile.
Uthe usho lokhu ngesonto eledlule, umufi ehambe ngemoto nomsolwa, nokulapho aqaphele khona ukuthi umsolwa “unehlo likaSathane”.
Uveze ukuthi umsolwa wamkluluza ngesikhathi ebuza uYolanda ukuthi bangabangani kuphela yini benomsolwa, maqede waphendula ngelithi: “Sizoxoxa ngeSonto mamncance”.
“Ngakhuluma nje ngahlwayela, ngithi oyoke akuthinte Yolanda uyobe uthinte mina uqobo nomndeni wonke, wangithi klulu ngehlo likaSathane lo mfana,” kusho uNozipho.
Uthe uyasola ukuthi umufi ubezokhuluma ngento ebalulekile, abezodinga ukuthi ambonise kuyo.
Ephawula ngekhulunywa ezinkundleni zokuxhumana yokuthi umsolwa ubulale umufi ngenxa yokuthi uthole ukuthi ingane ayikhulelwe bekungesiyo eyakhe nokuthi uhushule isisu, uthe kufikile kubona.
“Kufikile ngabangani. Engikwaziyo ukuthi uYolanda ubengeke athathe isinyathelo esithize, ngaphandle kokuthi akhulume nami. Ngikholwa ukuthi isizathu sokuthi athi uzokhuluma nami ngeSonto, ubefuna ukwendlala udaba oluthile, acele ngimbonise.
“UYolanda uvame ukuza kimina uma efuna ukuboniswa kukho konke, ukube ubefuna ukuhushula isisu, ubezoza kimina azongitshela,” kusho uNozipho.
Uthe okubadina kakhulu ukuthi umsolwa unazo ezinye izingane kwabanye abesifazane angazondli.
“Kodwa unesibindi sokubeka isizathu sokuthi ubulele ngoba bekuzohushulwa isisu?” kubuza uNozipho.
Uqhube wathi uma umsolwa evela emndenini ophilayo kufanele umbonise ngokuthi akavele alivume icala, kungalokhu kugqigqwa izinkantolo, liqulwa ngoba uze wafaka ngisho ne-video ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kubone wonke umuntu.
“Kukhombisa ukuthi ubezishaya isifuba ngakwenzile, bekungesilo iphutha kodwa ukwenze ngenhloso,” kusho uNozipho.
Udadewabo kaYolanda, uNksz Philasande Khuzwayo, uthe umufi ubengumuntu onenhliziyo enhle, engakuthandi ukulwa, kubethusile ukuthi abulawe ngesihluku esinje.
Udalule ukuthi umufi nomsolwa baqale ukwazana ngesikhathi beyofundela ubuphoyisa, bagcina sebethandana.
Uveze ukuthi ubulawa nje, yena ubezitshela ukuthi umufi nomsolwa sebahlukana kulandela ukumxwayisa kwakhe ngabantu besilisa abanodlame.
“Emva kokungixoxela ukuthi baxabene, wamshaya, ngamtshela ukuthi akamyeke ngoba uma umuntu wesilisa eke waqala washaya, akabe esayeka. Ubengasangixoxeli lutho ke ngothando lwabo ngoba ngaqinisa ubuso ngamtshela ukuthi kungagcina kuphume umphefumulo. Ngakho ngithukile ukuthi ilo, ngoba mina bengizitshela ukuthi abasathandani,” kusho uPhilasande.
Uqinisekise ukuthi ubekhulelwe, wathi nakuba engazi kahle ukuthi izinyanga bese zingaki, kodwa bese kuqala ukubonakala.
Uphinde waveza nokuthi umufi ubenengane yomfana eneminyaka eyisihlanu, ayithola ngaphambi kokuthandana nomsolwa.
Ngaphakathi enkantolo bebesidinda buthule isililo, ngesikhathi umsolwa emi phambi kwemantshi, efake i-jean, nesikibha esi-maroon esibhalwe ukuthi ‘Living My Best Life’.
Icala lihlehliselwe u-Ephreli 9, ukuthi umsolwa afake isicelo sakhe sebheyili, nokuthi kuqinisekiswe ukuthi usemisiwe yini emaphoyiseni kaMasipala weTheku ukuze akwazi ukuthola usizo lommeli kahulumeni aveze ukuthi uyaludinga ngesikhathi evela izolo.