LUSEYINZUKAZIKEYI olokuthola ummeli ephoyiseni likaMasipala weTheku elisolwa ngokugwaza libulale uzakwabo ebelithandana naye ngeledlule.
Lokhu kuhlaluke izolo ngesikhathi livela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
UConstable Sizwe Ngema (27) kuthiwa wagwaza ephindelela uConstable Bianca Yolanda Khuzwayo (23) ngoMashi 31eflethini elisemgwaqweni uJoseph Nduli eThekwini.
Umsolwa waqopha ivideo wayithumelela abambalwa abasondelene nomufi waphinde wayinameka ezinkundleni zokuxhumana.
Ngesikhathi evela enkantolo kuqale kwavela ukuthi ukhona ummeli ozimele amtholile, okuthe sekufanele ammele, kwavela ukuthi ubuye wahoxa ngoba ubengakhokhelwe.
UNgema ugcine etshela inkantolo ukuthi ubuyela esicelweni sakhe asenza ngeledlule sokufuna ummeli kahulumeni.
Inkantolo enqume ukuthi lihlehliselwe u-Ephreli 15 icala, yathi uma esephinda evela enkantolo uNgema kuzobe kuzozwakala ukuthi isicelo sakhe basamukele yini abameli bakahulumeni.
Ngesikhathi evela ngeledlule kwakugcine kungacacanga ukuthi usemisiwe yini emsebenzini noma cha.
Kwathiwa ummeli kahulumeni angamthola uma eseyitholile incwadi emumisa emsebenzini, kwavela nokuthi uma engakayitholi, akangeni ohlwini lwabavumeleke ukuthola usizo lwabameli bakahulumeni.
Ibigcwele phama inkantolo, kukhona amalungu omndeni kamufi, abenhlangano engenzinzuzo enikezela ngosizo lokwelulekwa ngengqondo iLifeLine, amalungu e-EFF nawomphakathi.
Amalungu omndeni kamsolwa abengabonwa. Umsolwa ubebukeka edabukile, egqoke ijean, ishethi nejakhethi okushwabene.
Ngesikhathi esehla ebuyela emgodini, uthe uyaqalaza lapho obekuhleli khona abantu abebehambele icala, wanxashelwa abantu abehlukene, abanye bembuza ukuthi usithathaphi isibindi sokulokhu eqalaza.
Umndeni kamufi ubusasikhihla isililo. Kuzanywa ukukhuluma nomamncane wakhe, uNksz Nozipho Khuzwayo, izinyembezi zivele zagcwala amehlo wangakwazi nokukhipha izwi.
Umamkhulu kaBianca, uNksz Mpume Khuzwayo, naye obebuye ahluleke ukuzibamba, zehle izinyembezi uthe namanje abakapholi ngento abayenziwe umsolwa.
Ukhale ngokuthi nakho ukulokhu begqigqa ezinkantolo kubenza bangazizwa kahle.
“Kusebuhlungu, angisiboni isidingo sokuthi silokhu sehla senyuka ezinkantolo ngoba uzivezile ngokwakhe ukuthi nguye umbulali,” kusho uNksz Khuzwayo zehla izinyembezi.
Uthe akaqondi ukuthi yini ezolokhu iqulwa enkantolo ngoba abukho ubufakazi obudlula obokusabalalisa ivideo.
“Bonke ubufakazi wazikhiphela yena. Angazi ukuthi yini ezolokhu ikhulunywa ezinkantolo,” kusho uNksz Khuzwayo.