ZIKHATHAZEKILE izikhulu zoMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal ngokuthi njalo uma kunemicimbi emikhulu ehlanganisa izinkumbi zabantu kubakhona abantu abalimalayo.
Lokhu kulandela ingozi yamabhasi okulimale kuyo inqwaba yamalungu e-IFP ngeSonto ekuseni abelibhekise eralini yaleli qembu enkundleni yemidlalo iMoses Mabhida eThekwini.
Ngokwemibiko kuthiwa amabhasi amathathu abelibangise kule rali yokwethulwa komqulu wezethembiso zokhetho, ashayisane ngaseGingindlovu kuN2.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha uMnuz Kwanele Ncalane, uzwakalise ukukhathazeka ngezingozi ezibakhona uma kunemicimbi efuze le.
Uthe abashayeli kumele bandiswe uma bezohamba amabanga amade.
Uveze ukuthi abanye basuke sebekhathele bese kudaleka izingozi.
“Sinxusa abahleli bemicimbi ukuthi baqinisekise ukuthi babili abashayeli abasuke bezoshintshana uma bezohamba amabanga amade ukuze baphumule. Abanye uthola ukuthi bahamba amabanga amade, abanye ngisho ebusuku ngakho basuke bekudinga ukuphumula.”
Uthe akekho oshonile kule ngozi ngaphandle kwabalimele.
Ngokombiko wabezimo eziphuthumayo bakwa-IPSS Medical Rescue, bangu-36 abalimale kule ngozi eyenzeke ngabo-9 ekuseni.
Okhulumela abe-IPSS uNksz Samantha Meyrick, uthe bayisishiyagalombili abaphuthunyiswe esibhedlela, abanye belimele kanzima.
Uthe abanye bebenemihuzukwana nje wathi abanye babalaphele endaweni yesehlakalo.
I-ANC esifundazweni ifisele abalimele ukwelulama okusheshayo.
Kwenzeka lokhu nje ngenyanga edlule kushone abalandeli be-ANC abayisishiyagalombili, ngesikhathi bephuma eralini yokwethulwa komqulu wezithembiso zokhetho eyayikule nkundla.
Ibhasi yayilibangise eMpumalanga kanti ingozi yenzeka emgwaqweni uR33 eDumbe.
NgoJanuwari kwashona abalandeli abayisithupha be-ANC ababeye emgubheni iJanuwari 8 eMpumalanga.
Le ngozi yenzeka eLimpopo kanti ibhasi yayiya enkundleni yemidlalo iMbombela.