ABAHLAZIYI bezombusazwe sebexwayise ngokuthi kungaba nomthelela ukuxoshwa komunye wabaholi ababhalisa iqembu Umkhonto weSizwe kwikhomishini yezokhetho kuleli uma kungukuthi kukhona abazozwelana naye ngalesi sinqumo sokumkhomba indlela.
Laba bahlaziyi bathi leli qembu lidinga wonke umuntu ukuthi abe yingxenye yalo ikakhulu njengoba lizobe liqala ukungenela ukhetho.
Bakusho lokhu kulandela ukuxoshwa kukaKhumalo namanye amalungu amane, kungakapheli sikhathi esingakanani kwehliswe esikhundleni obezomela leli qembu kwesikandunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Ngidi.
UKhumalo ulele endaweni yesibili ohlwini lwabantu leli qembu elibajuba ePhalamende emva kokhetho.
Isitatimende esikhishwe okhulumela iqembu, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, siveze ukuthi uKhumalo nabanye abaholi okungoMnuz Ray Khumalo, Bheki Manzini, noNksz Lebo Moepeng noRochelle Davidson, sebekhonjwe indlela.
“Emhlanganweni wabaholi bakazwelonke kuthathwe isinqumo sokuthi bakhonjwe indlela laba baholi. Lesi sinqumo sithathwe ngenxa yokuthi kunemizamo yalabo abafuna ukuthi lungabikhona uzinzo eqenjini kanti sithathwe ukuvikela bonke labo abafuna kube nezinguquko kuleli.”
UNdhlela unxuse amalungu ukuthi athembe abaholi abamatasa nomsebenzi weqembu.
Umhlaziyi uDkt Levy Ndou uthe kumele likhathazeke leli qembu ngokulahlekelwa abantu ngalesi sikhathi sokhetho.
Uthe kuseva ukuthi leli qembu lingaxosha abantu ngoba libadinga kakhulu ukuze lenze umehluko okhethweni.
“Kolunye uhlangothi, ngeke futhi kube kuhle ukuthi njengoba iqembu kumele libe nemigomo okumele liyilandele, bese kubakhona abazokwenza umathanda. Kumele ilandelwe imigomo ebekiwe emaqenjini kungabonakali ukuthi kukhona ukukhetha iphela emasini,” kusho uNdou.
Omunye umhlaziyi uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe bangabakhona abazozwelana noKhumalo njengoba engumuntu owabhalisa iqembu.
Uthe lokhu kungadala izinxushunxushu eqenjini wathi kodwa uma abantu bezochazelwa izizathu bazoqonda okwenzekayo.
“Akumele kube nokukhetha iphela emasini, uma kukhona abanye abaholi abazosolwa ngokufanayo nabo kumele bakhonjwe indlela. Uma kunokungathembani eqenjini ngeke futhi ukwazi ukugcina abantu abanjalo ngoba kumele kube nemigomo ezolandelwa enhlanganweni,” kusho uMngomezulu.
Ayiphumelelanga imizamo yokuxhumana noKhumalo, izolo njengoba ucingo lwakhe belukhala lungamukeli nemiyalezo.
UKhumalo ubhalise leli qembu ngoSepthemba nyakenye, ngoDisemba owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, wamemezela ukuthi uzolikhankasela.
Muva nje, kuvele ukuthi uKhumalo wayethunywe nguZuma ukuthi abhalise leli qembu.
Zimbuza izintatheli uKhumalo muva nje ngoqhekeko ngaphakathi eqenjini ngesikhathi kukhishwa isinqumo enkantolo yaseThekwini esachitha i-ANC mayelana nombango we-logo yaleli qembu, wathi izinkulumo ziyohlezi zikhona wathi abantu bafuna ukubona iqembu lihluleka.
Waveza ukuthi izinkinga bayazilungisa.
UZuma uhlezi ekuveza lapho ekhuluma khona namalungu eMK, ukuthi bazobasusa labo abagangayo eqenjini.
Wathi nalabo abagaqele izikhundla ngeke balibone elidlalayo ngoba akuyona indawo yokudlalela kwiMK.
Wabalula nokuthi okwamanje akekho umholi okhethiwe kodwa kusawubuholi besikhashana obubambile.
Muva nje, nekhomishini yezokhetho isanda kuveza ukuthi yathola incwadi evela kwiMK, eyayiveza ukuthi sebushintshiwe ubuholi kwiMK, uZuma osehola leli qembu.