I-IFP iphikisana nosuku lokhetho lukazwelonke oluphahlukwe iphini likamengameli, uMnuz Paul Mashatile.
Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe abahambisani nokuthi ukhetho lube ngoMeyi 24, nokuwusuku uMashatile asikaze ukuthi kuzobanjwa ngalo ukhetho.
UMashatile utshele amalungu e-ANC ukuba alungele ukunqoba ukhetho oluzokuba ngalolu suku noma kulezo zinsuku.
“Kufanele sibumbane, sibe nenhloso eyodwa. Leyo nhloso kufanele kube ukuthi kufika umhla ka-24, noma lezo zinsuku kuMeyi, mhla siya okhethweni, i-ANC iyalunqoba ukhetho.”
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma namalungu e-ANC ohambweni lwakhe lwasesifundazweni iKwaZulu-Natal.
UMashatile uthe umengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, uzolumemezela maduze usuku lokhetho, wathi seluseMome.
“Silinde umkhombandlela kumengameli.”
UHlengwa uthe bayaphikisana nalolu suku, wakhala ngokuthi bazokuba bancane abantu abazovota uma ukhetho luba ngoLwesihlanu.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma namalungu e-IFP eGugu Dlamini Park, izolo, lapho bekunomcimbi wokugqugquzela abantu ukuthi bahambele umcimbi wokwethulwa komqulu wezethembiso zokhetho ozokuba seMoses Mabhida, ngenyanga ezayo.
UHlengwa uthe uma ukhetho lungoLwesihlanu kusho ukuthi kuzokuba nempelasonto ende, nathe kuzokwenza ukuthi abantu bangaphumi ngobuningi.
“Asifuni ukuthi ukhetho lube ngoLwesihlanu ngoba abantu abaphumi nobuningi babo uma lungalolu suku. Kubukeka sengathi kunenhloso yokuthi abantu bangayi okhethweni. Njalo kule lizwe uma sinokhetho, ukhetho luba ngoLwesithathu. Lapha abantu bayaye baphume ngobuningi. Ngiyabaxwayisa abe-ANC ukuba bangazami ukucindezela ukhetho. Nginxusa ukuba ukhetho lube ngoMeyi 29.”
UHlengwa unxuse uRamaphosa ukuthi amemezele usuku lokhetho ngokushesha.
“Ukusaba kukaRamaphosa ukukhipha usuku lokhetho kuyizinkomba zabantu abatatazelayo, bayasaba ngoba bayabona ukuthi sesikhathele yibo.”
Usihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, unxuse amalungu e-IFP ukuba aphelele eMoses Mabhida ngosuku lokwethulwa komqulu wezethembiso.
UNtuli uthe kuzoshiyana ukwenza uma sebethula umqulu wezethembiso.
“Niyazi nani ukuthi bakhona asebengenile eMabhida, bazama ukuyigcwalisa. Bakhona nabasazongena. Kufanele kuthi uma sekungena indlovu, kucace ukuthi sekungene indlovu.
UNtuli uthe bazosebenzisa ukhetho lwakulo nyaka ukuhlonipha umsunguli we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi, okhothame ngonyaka odlule.
“Kubalulekile ukuba sigcwalise iMoses Mabhida, siphinde sibuyise isifundazwe iKwaZulu-Natal okhethweni oluzayo.”