KUCIKE ijaji ukubonwa kobufakazi “obuyimfihlo” ngabamangalelwa abayisihlanu ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, izolo.
Lobu bufakazi bebucelwe yiJaji uRatha Mokgoatlheng ngoLwesibili, kufakazi okunguye ophoswa ngemibuzo njengamanje, uSergeant Vusumuzi Mogane.
Ngesikhathi uMokgoatlheng ebucela kuMogane lobu bufakazi, uthe akabubhale phansi ngamacala ehlukene athi babewaphenya ngabasolwa, abulethe enkantolo izolo.
UMokgoatlheng ubethe uMogane akabubhale phansi ngoba ubezwakalise (Mogane) ukukhathazeka ngokuthi abethule ngokubukhuluma kwazise uthe kukhona nobubucayi, obusasenkantolo.
Izolo uMogane ubulethile lobu bufakazi ngemvelophu ebibhalwe ukuthi “okuyimfihlo”.
Ngezikhathi zasemini ngaphambi kokuthi uMogane aqhubeke nokuphoswa ngemibuzo ngu-Adv Zandile Mshololo ongummeli kammangalelwa wesihlanu, uMnuz Fisokuhle Ntuli, uzwakalise ukukhathazeka ngosekwenzeke ngokuqukethwe yimvelophu.
“Inkantolo icele ukuthi ngilethe amadokodo esasiwasebenza ngaleso sikhathi (ngesikhathi bebopha uNtanzi). Ngiwanike u-Adv Baloyi (George) ngemvilophu, nayo yonke imininingwane phakathi. Ibhalwe ukuthi ”okuyimfihlo“ kodwa manje sengiyibone ifundwa abamangalelwa,” kusho uMogane.
Ngokumangala, uMokgoathleng ubuze ukuthi bayinikwe ubani?
“Angazi ukuthi banikwe ubani. Manje ngikhathazekile, ngisabela ofakazi abasemacaleni akula madokodo. Kuwo wonke la macala kunezibhamu ezabandakanyeka, kukhona abadutshulwa, kwaba khona abathunjwa, kwaphinde kwasatshiswa abantu,” kusho uMogane.
Uqhube wathi akazi ukuthi kuzokwenzekani kofakazi balawo macala?
“Ngifuna ukwazi ukuthi njengoba bengilethe la madokodo bekungawenkantolo yini noma bekungawabamangalelwa?” kusho uMogane.
Kuphendule uMokgoathleng ngelithi: “Bekungawenkantolo, empeleni ngiyamangala ngoba bekufanele ingabe abukwe yimi kuqala, ngoba ngiyawuqonda umthetho wezobunhloli.”
Uqhube wathi uyazi ukuthi amanye amaphepha kufanele ahlale eyimfihlo.
Uveze ukuthi ubezoyifunda, athathe isinqumo sokuthi yikuphi okufanele ukuvezwe enkantolo, yikuphi okungafanele.
Ebuzwa yijaji uBaloyi ukuthi kwenzeke kanjani lokhu, uthe bawanikwe abameli.
Bathe sebebuzwa ngamunye ngamunye abameli, baphika ukuthi yibo abanike abamangalelwa amaphepha.
Baphike nokuthi bake bakhuluma nabo selokhu kusile, ngaphandle kuka-Adv Zithulele Nxumalo oveze ukuthi uke wakhuluma nekhasimende lakhe uMnuz Mthokozisi Mncube, kodwa wathi akamkhombisanga amaphepha.
Ijaji ligcine linquma ukuthi okuqhukethwe yile mvilophu, ngeke kusasetshenziswa kule nkantolo njengoba sekusabalale ngendlela engeyiyo.
Icala liyaqhubeka namuhla.