KUBHIMBA uhlelo ngothisha ababalelwa ku-45 000 abangatohozi KwaZulu-Natal, njengoba uMnyango wezeMfundo ungakwazi ukuvala izikhala zabangu-3 800 ngenxa yezinkinga zemali.
Lo mnyango usasebenza ngesibalo sothisha sango-2008, kanti awukwazi ukwandisa isibalo sabo ngenxa yokuthi awunayo imali.
Lokhu kuvezwe nguMphathiswa wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Sipho Hlomuka nenhloko yomnyango uMnuz Nathi Ngcobo, ngesikhathi bevele ngaphambi kwekomiti lezezimali esiShayamthetho sesifundazwe.
Bebephendula imibuzo njengoba bekwethulwa isabelomali salo mnyango nezinselelo ezithinta ukusebenzisa imali ngokweqile.
UDkt Andile Biyela we-IFP ubuze ukuthi ikhona yini inhlansi yethemba yokuthi bayoke baqashwe othisha abangatohozi esifundazweni, abahlala bekhala ngomsebenzi?
Uthe labo thisha bahlale bebuza ukuthi kwenzakalani ngezithinta ukuqashwa emnyangweni?
UHlomuka uthe noma kuthiwa banayo imali eyenele kodwa ngeke bakwazi ukuqasha bonke labo thisha abakwi-database yesifundazwe.
Uveze ukuthi abanye babo abadabuki ngisho esifundazweni kodwa baqhamuka kwezinye izifundazwe, kanti basebenzisa imininingwane yabantu baseKZN.
“Sinezikhala ezingu-3 800 ezingavaliwe zothisha esifundazweni. Sinenqwaba yothisha abangaqashiwe abakwi-database. Abafuna umsebenzi wothisha kumele bazi ukuthi akuwona kuphela uMnyango wezeMfundo oqashayo. Othisha bayadingeka nakweminye iminyango ngakho nakhona kumele bazifake izicelo.”
UNgcobo uthe ngeke amqambele amanga uBiyela athi likhona ithemba ngokuqashwa kwabanye othisha njengoba sisibi isimo sezimali emnyangweni.
Embikweni othulelwe ikomiti kuvele ukuthi umnyango awukwazi ukuvala inqwaba yezikhala zothisha ezikoleni.
“Uma uthishanhloko esethatha umhlalaphansi, sinyusa iphini lakhe ukuthi libambe bese singasivali leso sikhala sephini. Ngokomthetho kumele sisivale okwesikhashana ngomunye uthisha ukuze kungashodi abantu esikoleni kodwa ngenxa yezinkinga zemali asikwazi ukwenza lokhu,” kusho uNgcobo.
Uthe abakwazi ukuvala nezikhala zabaya emalivini, ezezinye izisebenzi ezijwayelekile ngenxa yezinkinga zemali.
Kulo mhlangano kuvele nokuthi ngeke zakhiwe izikole ezintsha ngenxa yale nkinga.
“Ukube bekuyinkampani ezimele ngabe sidiliza isibalo esithile sothisha abazovumelana nesabelomali esinaso, bese sisala nalabo esizokwazi ukubakhokhela. Ngebhadi asikwazi ukudiliza othisha ngoba sandisa izifundo ezintsha ezidinga sengeze othisha,” kuqhuba uNgcobo.
Kulo mhlangano kuvele ukuthi isabelomali somnyango sidliwa yimiholo yabasebenzi.
Ukungaxhaswa ngemali kohlelo lokunyusa amaholo abasebenzi ngo-4.7%, ngezinye zezinto ezenze lo mnyango wangena khaxa obishini lwezimali.
Kulindeleke ukuthi weqise cishe ngo-R1 billion esabelweni ngenxa yokungafakwa kwemali yokunyusa amaholo abasebenzi.
Izinkinga zemali zenze izikhulu zomnyango zavalelwa amalungu enyunyana yothisha iSadtu, abefuna kufakwe imali yezikole, kukhokhwe uchatha ka-1.5% wokuphucula amaholo othisha okwaziwa nge-pay progression, kanjalo nokukhokhelwa kwabafundisa uGrade R.