UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma uthi azingasondeli izixhwanguxhwangu ezizogcwaneka emcimbini wokunikwa kweSilo isitifiketi ozoba senkundleni iMoses Mabhida kusasa.
UDkt Dlamini Zuma ubekhuluma esithangamini nabezindaba ecacisa ngamalungiselelo omcimbi.
UDkt Dlamini Zuma ubehamba noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, iMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda, uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko, namaSiko uMnuz Nathi Mthethwa noMnuz Obed Bapela oyiPhini likaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Kulindeleke ukuthi kusasa uMengameli Cyril Ramaphosa anike iSilo uMisuzulu kaZwelithini, isitifiketi sobukhosi ngokusemthethweni.
Umcimbi ubhekwe ngabomvu futhi uzohanjelwa yizicukuthwane. Kucacile ukuthi ezokuphepha ziqinile ngoba amaphoyisa abesevele eqalile ukubonakala ehla enyuka eqaphe isimo eThekwini.
UDkt Dlamini Zuma uthe abantu kufanele beze ngenhloso yokuzojabula bahloniphe iSilo. Uthe uyezwa kuthiwa kukhona abazobe bezobhikisha ngezikhalo ezithile kodwa lokho kufanele bakwenze ngokuthula futhi amaphoyisa azobe ephumile.
“Wusuku lokujabula ngoba liphumile ilanga KwaZulu. Sicela abantu baziphathe kahle,’’ kunxusa uDkt Damini Zuma.
UNkk Dube-Ncube uthe kuzobe kuvunyelwe abantu bonke kodwa kungena abangu-48 000 kuphela futhi kuyongeniswa abafike kuqala. Kuthiwa kwezokuthutha kuhlelwe izitimela namabhasi. UNkk Dube-Ncube uthe abanye omasipala bahlele izindawo zomphakathi zokubukela bukhoma kwithelevishini.
Uthe amasango azovulwa ngehora lesikhombisa ekuseni kanti kuzonandisa uKhuzani, Igcokama Elisha, Ntencane, Phuzekhemisi, Sjava nabanye. Kulindeleke ukuthi kuviliyele amabutho, izintombi namatshitshi.
Namuhla abaphathi bamaphoyisa bazoba nesithangami nabezindaba bacacise kabanzi ngezokuphepha.