KUME nse ukufunda nokufundisa izolo esikoleni iVilla Maria Primary eMaqongqo eMgungundlovu kulandela ukushiswa kwezinye izingxenye zalesi sikole ngoMgqibelo.
Ngokuthola kweSolezwe, kushiswe ihhovisi likathishomkhulu, elinye ebeligcwele izincwadi zesikole, amaphepha okwenza amakhophi, imishini yokwenza lokhu, namakilasi amabili afunda uGrade 4 noGrade 5.
Isolezwe lihoshe umoya wokuthi akukhona okokuqala isikole sihlaselwa.
Kuthiwa ngoDisemba kwangena abantu abangaziwa, bazinqamula zonke izintambo zikagesi, ngenxa yaleso sizathu, isikole namanje asinagesi.
Ngaphambi kwalokho, kuthiwa kwake kwathikamezeka ukufunda nokufundisa emva kokuthi umuntu ongaziwa efike wafaka inguzanguza yengidi, othisha nabafundi bangakwazi ukungena ngaphakathi.
Kuvela ukuthi njalo uma kwenzeka isigameko esishaqisayo, kuvela igama elithi “Sicela nilungise isikole”.
Ilungu lesigungu esilawula isikole elicele ukungadalulwa, lisaba ukuthi nalo lingase lishiselwe umuzi walo uma kubonakala ukuthi likhuluma nabezindaba, livumile ukuthi akufundwanga izolo.
“Isimo besiphika ukuthi kufundwe futhi asinaso isiqiniseko sokuthi kuzobuyelwa nini emakilasini njengoba kusenjena,” kusho ilungu.
Liveze ukuthi kube nomhlangano ophuthumayo wabazali, ubuholi besikole nomhloli obekhona izolo kodwa sangatholakala isisombululo.
Lithe abazali bayihlabe inhlali eyokushiswa kwesikole, bavele bavalela umhloli ekhoneni bembuza ukuthi silungiswa nini isikole.
“Ugcine ecela ukuthi kube khona omunye umhlangano kusasa (esho namuhla), lapho ezoletha khona abantu ababhekene nokulungiswa kwezikole ukuze bazikhulumele nabazali,” kusho ilungu.
Lithe yize lazi ngemvunge yokuthi “kucelwa kulungiswe isikole” evela njalo uma kwenzeke okushaqisayo kule sikole, kodwa ngeke lime ngonyawo olulodwa lithi banolwazi olugcwele lokuthi ubani lona owenza izigigaba.
“Akaziwa umuntu owenza lokhu,” kusho lona ngamafuphi.
Lichaza ngesimo sesikole, likuqinisekisile ukuthi sona sibi impela.
“Izindonga zibolile, uphahla lufulelwe ngo-asbestos okugulisa abafundi, amawindi amaningi afile, kuningi nje okungekho esimweni esihle,” kusho ilungu.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi uthe okwenzeke kulesi sikole kuyabakhathaza ikakhulukazi njengoba sekuyisigameko sesithathu.
“Izigameko ezenzeka ngenxa yesandla somuntu zibiza imali eshisiwe futhi kuthatha isikhathi eside ukuthi sibhekane nazo. Maduze sizothola isicelo sokuthi asisilungise ngokushesha lesi sikole, kungabe kusanakwa ukuthi kwasuka umuntu nje wasifaka kulezo zindleko,” kusho uMahlambi.