UBABAZA ubulwane umndeni wowesifazane wakwa-H eMlaza, isidumbu sakhe esitholwe sigqitshiwe ethuneni elingashoni eduze komjondolo ohlala isoka lakhe ngoMgqibelo.
UNksz Sindi Ncanana (28) kuthiwa ubenqunyiwe waphinde wagwazwa.
Elandisa Isolezwe udadewabo kamufi, uNksz Thandeka Ncanana, uthe bese kuphele izinyanga ezimbili bengasamazi umufi.
Uthe ngesikhathi bemgcina bekuwuJulayi, ezolandwa ngodli yilo isoka lakhe noyise (walo) emva komngcwabo kamalume wabo emndenini.
Eqhubeka echaza, uthe kudlule amasonto ngamasonto engabashayeli ucingo, engabuyi ekhaya baze bagcina bethatha isinqumo sokuyombheka kubo kwesoka.
“Bathe uma befika khona abafowethu, isoka labatshela ukuthi akekho kulona, wahamba bexabene, lona lazitshela ukuthi ubuye weza ekhaya,” kusho uNksz Ncanana.
Uveze ukuthi lokhu kubaxakile, bazibuza ukuthi uma lokhu akushoyo kuyiqiniso, yini edale ukuthi angalandeleli azobheka ukuthi ukhona ngempela yini ekhaya, kwazise wayelandwe wuye khona?
Wathi bavele bayobika emaphoyiseni ukuthi ulahlekile, benza nezingqwembe ezinesithombe sakhe nezinombolo zomndeni, bacela ukufuniswa yena.
Uthe lezi zingqwembe bazifake ezigxotsheni emigwaqweni kuleli lokishi baphinde bazifaka nasezinkundleni zokuxhumana.
“Sibe sesithola ucingo kumuntu ongathandanga ukuziveza, wathi asibize amaphoyisa, ahambe ayomba egcekeni kubo kwesoka. Wathi kungenzeka simthole udadewethu ngoba walibona ngelinye ilanga limba umgodi ongaqondakali egcekeni, lisizwa omunye umuntu,” kuchaza uNksz Ncanana.
Uthi bawatshelile amaphoyisa maqede anikela khona. Uthi bathole uyise wesoka, lona kwathiwa ligcine ukubonakala ekuseni.
“Abehambe efunisela amaphoyisa egcekeni, aze agcina eyitholile indawo lapho abebemgqibe khona. Bekuseceleni komjondolo, eduze kakhulu nawo. Kuqale kwavela izingubo zakhe, kanti sekuyiso ngempela isidumbu sakhe,” kusho uNksz Ncanana.
Uthe babuhlungu ngokubehlele.
“Siyaqala ukubona into enje. Ubulele udadewethu ngesihluku esingaka maqede waqhubeka wahlala nethuna lakhe eduze, unesibindi esibabazisayo lo muntu. Sifisa abanjwe aboshwe, anikwe isijeziso esimfanele,” kusho yena.
Uveze ukuthi bathole ukuthi isoka bese liyihole kabili imali yesibonelelo sikamufi sokukhubazeka.
Uphinde wathi udadewabo ubemthanda umsolwa, ethi uyakwazi ukumqoqa ukuthi angazenzi izinto ezingafanele njengokuphuza utshwala.
Uthe nabo bebengamxwayi kwazise udadewabo ubebatshela ukuthi uyamthanda umsolwa.
UNksz Ncanana uthe bese kuyophela unyaka umufi nomsolwa bethandana.
Ikhansela lendawo, uMnuz Sibusiso Cele othe ufikisane namaphoyisa endaweni yesigameko, uthe ngesikhathi amaphoyisa esemba ebaleni okugcine kuphuma kulo isidumbu sikamufi, uyise kamsolwa uthwale izandla ekhanda ethi “awu ngaze ngaboshwa namuhla”.
Uthe amaphoyisa agcine ebopha uyise kamsolwa.
“Isigameko sishaqise wonke umphakathi. Sikhathazekile ngezigameko zokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane. Sinxusa amadoda ukuthi ayeke lobubulwane esibubona emphakathini,” kusho uCele, othe ikhona imikhankaso abayenzayo elwa nalesi sihlava.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMlaza aphenya icala lokubulala emva kokumbiwa kwesidumbu sowesifazane ethuneni elingashoni kwa-H eMlaza.
"Imbangela eholele kulesi sigameko isaphenywa," kusho uLt Col Gwala.