KULINDELEKE ukuthi wehle umthwalo emahlombe abantu bakuleli njengoba amandla emali eseku 4.6% esuka ku-5.1% ngoJuni.
Lezi zibalo zikhishwe yi-StatsSA izolo. Iveze ukuthi amandla emali antengiswa wukubiza kukagesi, uphethroli nokudla.
Isazi somnotho esizimele, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe ukudlondlobala kwamandla emali afike ku-4.6% kusho ukuthi iBhange loMbuso, i-South African Reserve Bank (Sarb), lizoyehlisa imalimboleko.
Uthe isizathu salokhu wukuthi amandla emali asondele kwisilinganiso semali esifunwa yi-Sarb njengoba ifuna abe phakathi kuka-3% no-6%.
“Njengoba amandla emali eseku-4.6% azokwenza kube lula ukuthi iBhange loMbuso liqale ukwehlisa imalimboleko ngenyanga ezayo (Septhemba). Kungakuhle ukuthi imalimboleko yehle ngoba vele amandla emali antengiswa wukunyuka kukaphethroli, ugesi, izinsiza zikamasipala nokunye okungelona iphutha labantu,” kusho uDumisa.
Ezibalweni ze-StatsSA kuvele ukuthi yehlile nentengo yokudla neziphuzo ezingenabo utshwala njengoba intengo yalezi zinto isuke ku-4.6% ngoJuni yaya ku-4.5% ngoJulayi.
Isazi somnotho sase-FNB, uNksz Koketso Mano, sithe emhlabeni jikelele amandla emali asenozinzo olubonakalayo nakwintengo ka-oyela futhi neRandi alisehlelwa ngamandla.
Naye uthe balindele ukuthi i-Sarb yehlise imalimboleko okuzokwehlisa imali ekhokhwa yilabo abakhokhela imizi, izimoto nenye imali abayibolekile.
UMnuz Morne Malan we-Free Market Foundation (FMF), uthe kufanele uhulumeni alubhekisise udaba lokunyuka kukaphethroli, ugesi, ukudla okuba nomthelela omubi emandleni emali.
Uthe yize bejabula ukuthi amandla emali akhombisa ukudlondlobala kodwa abazi ukuthi azoqhubeka yini ngale ndlela ngenxa yezinto ezenzeka ezimakethe zomhlaba.
Ubalule ukuthi amandla emali awantengiswa yizinto ezenzeka eNingizimu Afrika kuphela kodwa ukunyuka kukawoyela ongahluziwe kuba nomthelela kuwona.