INJABULO ibibhalwe emehlweni kubafundi baseShowe njengoba uMasipala waseMlalazi ukhethe ukuthi ube nomcimbi wokuhlonipha nokuklomelisa abafundi abaphase ngamalengiso u-matric wanyakenye.
Umcimbi ubuholwa imeya kaMasipala waseMlalazi uNkk Theodorah Xulu ehholo lomphakathi eShowe Townhall ngoLwesibili.
ULuyanda Skhakhane, obefunda u-matric eGcwalulwazi High nophume indawo yesihlanu, uthe akumethusi ukuthi wenze kahle ezifundweni zakhe ngoba ubefunda ngokuzikhandla kodwa ubengalindele ukuba ingxenye yalabo abadle ubhedu ngoba ufunde ngaphansi kwesimo esinzima.
"Bengihlushwa ukuhamba kwamanzi nogesi, isikhathi esiningi bengifunda ngekhandlela.
" Indlela ebenginqamula kuyona uma ngiya esikoleni ibigcwala kakhulu amanzi uma kade kune imvula, bengibuye ngigule ngingakwazi ukuya esikoleni, " kuchaza uLuyanda.
Uthe ugqugquzela bonke abafundi abafisa ukwenza kahle ukuthi badele ubuthongo okwesikhashana ukuze bafunde ngokuzimisela.
Omunye wabenze kahle u-Andiswa Zulu obefunda eNtabantuzuma, uthe ukuphuma kwakhe phambili kuzomgqugquzela ukuthi angayeki ukusebenza ngokuzikhandla nasenyuvesi.
Imeya uNkk Xulu, ithe iyaziqhenya kakhulu ngemiphumela yekilasi langonyaka odlule kanti umasipala uzoqhubeka usebenzisane nabafundi abaphase kahle ukuqinisekisa ukuthi abapheli moya.
Uqhube wathi ugqugquzela abafundi abangazange benze kahle ukuthi bangapheli amandla bavuke bazithathe ngoba ikusasa labo lisezandleni zabo.