ABAPHATHISWA bezeMpilo bakhuza izitshudeni nabafundi ngokuzibandakanya nocansi.
UMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, uthe iningi labantu abasha abazobe beqala ukuya emanyuvesi kulo nyaka belinakekelwa ngabazali impilo yalo yonke.
"Ekhaya kunesikhathi esibekiwe sokubuya, isikhathi sokudla nokunye. Manje impilo iyashintsha, intsha izobe iziphethe bengekho abazali abayibhekile. Ngalesi sikhathi kuningi okungenzeka okungamosha ikusasa lomuntu omusha uma engaqaphelanga. “Ukuhlalisana kuyenzeka. Lokho, siyakwazi . Yingakho kubalulekile ukuthi abantu abasha abasenyuvesi bazi ukuthi yini abazoyenza emanyuvesi. Kunamantombazane amaningi, abafana abaningi , iziphazamiso eziningi," kusho uMphathiswa.
Uqhube wathi iningi lalaba bantu abasha baseneminyaka engu-18 noma engu-19 kungakuhle ukuthi bazithibe ocansini.
"Ukungayi ocansini akusho ukuthi kokhona okungahambi kahle ngawe noma awuhambisani nemfashini. Empeleni kusho ukuthi uhlakaniphile, futhi uyazi ukuthi ufunani empilweni.” kuqhuba uMphathiswa.
Uqhube wathi uMnyango uzovuselela uhlelo lwawo oluthi “Graduate Alive” okuhloswe ngalo ukukhuthaza abantu abasha ukuthi baziphathe kahle bangasheshi bathole izingane besebancane bazivikele nasezifeni zocansi.
“Inhloso yalolu hlelo ukukhuluma nentsha ngokuzinakekela, uma ingeke ikwazi ukuzithiba ikhethe indlela yokugwema ukukhulelwa kweziningi ezikhona okungamaphilisi, ukusebenzisa amakhondomu, ukufaka i-Implanon egwema ukukhulelwa iminyaka emithathu, ukuyikhuthaza ukuthi isebenzise amaphilisi akuvikela kwi-HIV uma kwenzeka uya ocansini nomuntu onayo iPre-Exposure Prophylaxis (PrEP).” kuchaza uMphathiswa.
UMphathiswa wezeMpilo eGauteng uNkk Nomantu Nkomo-Ralehoko, unxuse abafundi ukuthi bakhumbule ukuthi bazalwa bekhululekile akumele bazifakele ingcindezi ngokuya ocansini besebancane.
Ubesho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabafundi baseNkumbulo Primary, Ekurhuleni ngesikhathi kuvulwa izikole, ngoLwesithathu.
“Imfundo iwumgogodla nensika ekukhuleni kwakho, inamandla okuguqula impilo yakho ibe ngcono. Ingakuvulela amathuba obungeke uwathole uma ungafundile. Ukuya ocansini usemncane kungenza ukhathazeke kuphinde kuphazamise ikusasa lakho, ngokuthi ukhulelwe ungahlelile, uthole izifo ezithathelanayo zocansi okungaphazamisa ukufunda kwakho.
Uthe lokhu ukusho ngoba kulesi sifundazwe kunezingane ezineminyaka ephakathi kuka-14 no-19, ezibelethele ezikhungweni zikahulumeni.
"Njengoba unyaka uqala nje zingaphezulu kuka-13 700 izingane ezizalwa omama abasebancane ezizalwe kulesi sifundazwe," kusho uNkk Nkomo-Ralehoko.