NKOSIKHONA CELE
Kugcizelelwe ukubaluleka kokuzivocavoca ngesikhathi kunomjaho wokukhumbula uMengameli wokuqala we-African National Congress (ANC), iNkosi Albert Luthuli obewethiwe elokuthi yiLuthuli Peace Walk obuseGroutiville ngale mpelasonto.
ULuthuli waba ngowokuqala ukuhlonishwa ngendondo yeNobel Peace Prize. Wadlula emhlabeni ngoJulayi 21,1967. Kuthiwa washayiswa yisitimela eseThembeni. Kuhlangana iminyaka engu-57 adlula emhlabeni.
Umjaho wokumkhumbula uchazwe njengomqoka kakhulu yizikhulumi ezahlukene.
IMeya yaKwaDukuza, uNkk Lindiwe Nhaca ithe kuyajabulisa ukukhunjulwa kwesishoshovu ngalolu hlobo.
Ithe okuhle ukuthi lo mjaho uzophinde ufake ugqozi lokuzivocavoca kubantu ngoba kuyinto emqoka kakhulu.
UNkk Velile Luthuli oyilungu lomndeni wakwaLuthuli, uthe sengathi lolu hlobo lomjaho lungavusa uthando kubantu bakule ndawo lokuzigcina bephilile ngokuzivocavoca.
Uthe bewumndeni wakwaLuthuli bayakujabulela kakhulu ukugcinwa kwegama lale ngqalabutho liphila ngaso sonke isikhathi.
"Lokhu kusho lukhulu kithina njengomndeni uma ilungu lethu lisakhunjulwa yize sekuphele isikhathi eside kangaka ladlula emhlabeni,'' usho kanjena.
Uthe ukukhunjulwa kukaLuthuli ngomjaho kubahlaba umxhwele ngoba wayengumuntu owayezifela kakhulu ngezemidlalo.
UDkt Mxolisi Mchunu onguSihlalo weLuthuli Museum uthe eminyakeni ezayo bafuna ukubona lo mjaho udlondlobala ufinyelela kwelinye iqophelo.
Uthe kuyajabulisa ukubona abantu abasha kanjalo nabadala bezibandakanya nomjaho wokukhumbula ingqalabutho eyeyiqhakambisa izimpilo zabantu abamnyama.
NeMeya yesiFunda iLembe, uMnuz Thobani Shandu iwuncomile umbono wokukhunjulwa kukaLuthuli ngalolu hlobo.
Bonke ababe yingxenye yalo mjaho banikezwe izindondo zokubabonga ngokuwungenela. Banikezwe imiklomelo ngokwehlukana kweminxa yabo.
Ophume phambili kulo mjaho kube wuNksz Thembeka Buthelezi othe uyazigqaja ngokuba yingxenye yomjaho wokukhumbula iqhawe labantu abamnyama.