UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Lindiwe Zulu, uzwakalise ukukhathazeka ngesibalo esincane sabantu ababhalisela isibonelelo esithe xaxa, sezintandane.
Isibonelelo sisuka kuR480 saya kuR720 ngoba kuzofakwa uchatha kaR240.
UNkk Zulu ubekhuluma esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko, wathi abanakekela izintandane futhi abayizihlobo zazo kufanele bafake izicelo emahhovisi akwaSassa, aseduze nabo.
“ISouth African Social Security Agency (Sassa), ayidingi ukuthi izihlobo ezihlala nezingane eziyizintandane ziyoqala kosonhlalakahle uma zifaka izicelo zemali ewuchatha. Le mali ngiyicele kungqongqoshe wezeziMali ngoMeyi ngakho ngiyacela abantu bafake izicelo zesibonelelo esithe xaxa,” kuchaza uNkk Zulu, egqugquzela abantu.
Uthi bangu-16 000 kuphela abantu asebebhalisele isibonelelo esiwuchatha wathi lokhu kuyamkhathaza kakhulu.
“Siyacela izihlobo ezinakekela izingane eziyizintandane ukuba zizofaka izicelo zesibonelelo esengeziwe. Sizobasiza kakhulu ekuthuthukiseni impilo yengane. Lesi sibonelelo senzelwa izihlobo zegazi esezisele nezingane ezishonelwe ngabazali ngakho ngibone kubalulekile ukuthi ngisengeze,” kusho uNkk Zulu.
Uthe kule nyanga bazoba nemikhankaso eminingi egxile ekuthuthukiseni umphakathi, kusukela ezibonelelweni nezinhlelo zempilo, ezizosiza abantu bathathe izinqumo ezifanele.
Uwudonse ngendlebe umphakathi ngothi unakekele izingane, wakhala nangokukhulelwa kwamantombazane amancane wathi kufanele kukhathazeke wonke umuntu ngalesi simo.