UFANISWE nesithombo ebesisamila kodwa amaphoyisa ase-USA asicekela phansi singakaqhakazi uMnuz Lindani Myeni (29) enkonzweni yakhe yesikhumbuzo ebiseMpangeni Rugby Club, izolo.
Lawa amazwi kagogo kaMyeni, uNkk Ntombi Shushu, othe usukelwe umzukulu wakhe obemnene kodwa amaphoyisa ase-USA ambone eyisigebengu.
UNkk Shushu uthe ziyashayisana izitatimende abazinikwa amaphoyisa ngokwenzeka ngosuku lwesehlakalo..
“ULindani wethu usukelwe ubengumntwana onemfundiso, elalela, ezithobile engaphakeme futhi ebika ngakwenzayo ephesheya. Isitatimende samaphoyisa siyashintshashintsha okwenza sibone ukuthi ubulawelwe into engekho,” kusho uNkk Shushu.
Ubonge izakhamuzi, uhulumeni nabantu bonke ngokusukuma kwabo bemela iqiniso ngokubulawa kukaMyeni.
UNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala, obethula inkulumo ngempilo kaMyeni, uthe ababulali bakhe bebefuna kukholakale ukuthi ubeyisigebengu futhi enodlame nokungamampunge.
“Kuyasinyanyisa ukubulawa kukaMyeni ngale ndlela engenangqondo. Abebesondelene noMyeni bathi ubeyisidlakela esimnene. Akukholakali ukuthi impilo kaMyeni inqanyulwe ngale ndlela. Abantu ababumbane ngenhloso yokuba kwenziwe ubulungiswa ngokufa kukaMyeni,” kusho uZikalala.
UZikalala uthe uma kungase kungenele uMengameli wase-USA uMnuz Joe Biden lokho kungasiza ekuletheni izimpendulo ngokwenzeka kubulawa uMyeni.
Inkonzo ibizinyaziswe ongqongqoshe, izimeya, abebhola lombhoxo uMyeni abeyingxenye yalo, abefundisi nabanye.
UMyeni udutshulwe kane washona ngo-Ephreli 14 amaphoyisa aseHonolulu, eHawaii, e-USA.
Wabikwa owesifazane kwabezomthetho njengomuntu owayezogqekeza kwakhe. Amaphoyisa azithethelela ngokuthi ubewalwisa futhi enodlame kuwona. Izikhulumi ebezishintshana kule nkonzo zithe uMyeni wabulawa ngoba engumuntu omnyama.
UMyeni ushiye emhlabeni inkosikazi yakhe uNkk Lindsay Myeni nabantwana ababili.
Uzongcwatshwa ngoMgqibelo eSikhaleni.