KWAKUNGAGWEMEKA ukusha kwePhalamende ukube zazikhona zonke izinsiza ezidingekayo ngesikhathi lisha.
Lokhu kuvezwe nguNobhala wePhalamende, uMnuz Xolile George, ethula umbiko ngokusha kwePhalamende eKapa, okuyisehlakalo esenzeka ngoJanuwari 2, 2021.
Kwaboshwa uMnuz Zandile Mafe ngalesi sehlakalo sokusha kwePhalamende, okwathatha izinsuku ezintathu.
UGeorge ukhiphe umbiko obulindwe ngabomvu mayelana nokuthi ngabe zazikhona zonke izinsiza ezifanele ezazinganqanda ukuthi iPhalamende lishe.
“Ukusha kwePhalamende kwakungagwemeka noma ube mncane umonakalo ukube zonke izinsiza ezifanele nezibalulekile zazikhona. Isinqumo sokuthi kungabikhona abaqaphi ebusuku nangosuku lweholidi kanjalo nangezimpelasonto onyakeni u-2021/2022, kwenza ukuthi lingavikeleki ekubeni lingesinye sezikhungo ezibaluleke kakhulu kuleli,” kusho uGeorge.
Uthe umsolwa ekusheni kwePhalamende wakwazi ukujomba ucingo okwakumele ngabe lwenziwa kabusha ngo-2004, okwenza kwaba lula ukuleqa.
Uveze nokuthi onogada okwakumele ngabe baqaphe amakhamera, abawenzanga umsebenzi wabo ngendlela.
Ubalule nokuthi uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi awuzange ulinakekele iPhalamende.
USotswebhu we-DA, uNksz Siviwe Gwarube, ukhale esifanayo ngokuthi kwakungamele iPhalamende lishe ukube yonke imigomo yalandelwa.
Uthe izinto ezibekelwe ukugada umlilo zazingasebenzi okwenza zingakwazi ukuthola ukuthi kuyasha.
“Wawunganqandeka umlilo ukube zonke izinsiza zazisebenza ngendlela. Ukungabi nenhloko ebhekele ezokuphepha eqashwe ngokugcwele kwaba ngenye yezinto eyenza ukuthi lingavikeleki ngendlela iPhalamende.”
Uthe uzobhalela ibamba likaSomlomo wePhalamende, uMnuz Lechesa Tsenoli nebamba likaSihlalo weNdlu yoMkhandlu weziFundazwe, uNksz Sylvia Lucas, ebanxenxa ukuthi bathule lo mbiko ekomitini lezezimali ePhalamende ukuze kuxoxwe ngawo.
Ugxeke ukuhluleka kukaSomlomo wePhalamende noSihlalo woMkhandlu weziFundazwe, okuyibo okumele bavikele iPhalamende.
Ufuna kukhulunywe ngokuthi iziphi izinyathelo ezizothathelwa abahluleka ukwenza umsebenzi wabo.