SINQUNYELWE ugwayi katiki isikhwama esixhasa izitshudeni ngemali ezikhungweni zemfundo ephakeme i-NSFAS, ukuthi sisheshe siphendule izitshudeni ezisuke zifake izimangalo emva kokuchithwa uxhaso.
Umbiko woMcwaningi-maBhuku Jikelele othulwe ePhalamende ngoLwesithathu, udalule izinselelo ezibhekene nalesi sikhwama odabeni oluthinta ukuxazula eyezimangalo zezitshudeni njengoba onyakeni wezimali u-2022/2023, zibalelwa ku-195 000 izikhalazo ezafakwa.
Uveze ukuthi ukuhamba kancane kwalolu hlelo kwenza ezinye izitshudeni zifake inqwaba yezimangalo njengoba kukhona ezafaka ezingu-70.
Udalule nokuthi zingu-26 000 izimangalo ezazikhuluma ngento eyodwa.
“Ezinye zalezi zimangalo zathatha izinsuku ezingu-205 ukuthi zixazululwe. Ezinye zathatha izinsuku ezingu-465, okusho ukuthi kwaphela ngisho unyaka isitshudeni silinde izimpendulo ngezithinta uxhaso,” kusho abamele uMcwaningi maBhuku jikelele.
Lokhu kwenze usihlalo wekomiti loMnyango weMfundo ePhakeme ePhalamende, uMnuz Tebogo Letsie, wathi ezinye zezitshudeni zisuleleka ngezifo ngoba zilala nama-blesser ngoba zilinde umnyama ongenafu kwi-NSFAS.
“Kuyakhathaza ukuthi kugcina sekuhlupheka izitshudeni, ezinye zixoshwa omastende ebusuku ngenxa yokuthi azikhokhile. Ezinye zangishayela ucingo ebusuku, zithi azinayo indawo yokuhlala ngenxa yokungakhokhelwa yi-NSFAS. Ibuhlungu le nto ngoba kusuke kunemali esiyivotele siyikomiti lasePhalamende ukuthi ikhishelwe izitshudeni, egcina ingafikanga ngesikhathi kuzona,” kusho uLetsie.
Uthe ezinye izitshudeni zigcina zenza izinto ezifana nokulala nabantu abazozondla ukuze zikwazi ukuthenga ukudla, nemali yokuphila ngenxa ye-NSFAS.
Umlawuli we-NSFAS, uMnuz Freeman Nomvalo, uthe bakhathazekile ngokuhamba kancane kohlelo lokuphendula izitshudeni ezintweni zoxhaso.
Uthe yingakho besheshe bevula uhlelo lokuthi kufakwe izicelo ukuze basheshe baziphendule, zithole uxhaso.
“Ezinye zezitshudeni zimane zilaxaze ukufunda ngenxa yokuthi aziphendulwa ngesikhathi. Senza konke okusemandleni ukuthi siyixazulule le nkinga ebhekana nezitshudeni,” kusho uNomvalo.
UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, uthe sebemi ngomumo ngokusiza izitshudeni ezizofunda ngonyaka ozayo.
Uthe lusamile uhlelo lokukhokhela ngqo izitshudeni ngenxa yecala eliqhubekayo eNkantolo e<kulu eWestern Cape.
“Sibhalele uNgqongqoshe wezoBulungiswa sifuna asheshe aqoke ngokushesha ozohlulela ecaleni elafakwa yinkampani eyayithole umsebenzi wokukhokha imihlomulo yezitshudeni. Sisalinde izimpendulo zokuthi angase aqokwe nini njengoba sanquma ukuthi siziphuce umsebenzi lezi zinkampani,” kusho uDkt Nkabane.
Uthe konke abakwenzayo kumele balandele umthetho.
Okunye okuvelile ukuthi bambalwa abasebenzi be-NSFAS abasebenza udaba lwezitshudeni ezisuke zifake izikhalazo ekubeni emaningi amacala okumele abhekisiswe bese kukhishwa isinqumo ngawo.