OKHULUMELA Inkatha Freedom Party (IFP), uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uziqinisekisile izindaba zokulimala kanzima kwamalungu eqembu amane, alimale emva kokubandakanyeka engozini yebhasi izolo ekuseni.
Laba abane kuthiwa bebehamba namanye amalungu ngebhasi ebelisuka eGoli lilibangise oLundi, lapho obekuqhubeka khona umgubho waleli qembu, njengoba lihlanganisa iminyaka ewu-50 lasungulwa.
Kuthiwa ibhasi libe selibandakanyeka engozini emgwaqweni u-R34 eVryheid.
UHlengwa utshele abesiteshi sezindaba zethelevishini ukuthi umshayeli webhasi wehlulekile ukubona uphawu lokuma emgwaqweni.
“Lokhu kuholele ekutheni kube nengozi,” kusho uHlengwa.
Uthe ngokombiko abawutholile, bane abalimale kakhulu, abanye babe nemihuzukwana, banikwa usizo khona endaweni yesigameko.
“Laba abane baphuthunyiswe esibhedlela,” kusho uHlengwa, othe uSihlalo weqembu eGoli, uMnuz Bonginkosi Dlamini kanjalo nobuholi beqembu, eBaqulusini baphuthume endaweni yesigameko.
UMphathiswa wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma obehambele isivimbamgwaqo eMariannhill Tollplaza ephawula ngesigameko, uthe ithimba leRoad Traffic Inspectorate (RTI) limbikele ngengozi.
“Kuthiwa ingozi yebhasi lenkampani iSun Coaches yenzeke phakathi kuka-6 no-6.30 ekuseni ngesikhathi ligingqika. Imibiko engakaqinisekiswa ithi umshayeli ubeshayela ngesivinini esiphezulu. Ngeke sibe namusa kuye. Sizomfundisa isifundo sokuthi KwaZulu-Natal alufakwa,” kusho uDuma.