USOTAKWINI unontandakubukwa obezenza udokotela enkundleni uTik Tok.
Lo mlisa osemncane odume ngelikaDkt Matthew Lani ube nyamanambana ngesikhathi iNyuvesi iWits imphika bukhoma ngemuva kokuveza ukuthi iziqu zobudokotela wazithola kuyo.
Le nyuvesi ikubeke kwacaca ukuthi kayinalo irekhodi lakhe njengomfundi wakhona.
Lo mlisa waveza ukuthi igama lakhe nguSanele Zingelwa, kodwa kubuye kwavela ukuthi usenga ezimithiyo ngoba lelo yigama lelinye ibhungu eliqeqeshwa njengodokotela ofundayo esibhedlela iTembisa Provincial Tertiary Hospital.
Lokhu kumenze waba nesigcwagcwa emphakathini nakubalandeli bakhe njengoba uZingelwa wangempela esemvulele icala lenkohlakalo ngokuzenza yena.
Dr Matthews cousin arrested - looks like this runs in the family 😂😂 pic.twitter.com/73NslrUxdK
— Afiba (@afiba_m) October 9, 2023
Namuhla uMnyango wezeMpilo eGauteng uveze ukuthi uzomvulela icala lo mlisa njengoba uMkhandlu Wobungcweti Bezempilo waseNingizimu Afrika (iHPCSA) nawo uqinisekise ukuthi kawunalo igama laleli bhungu ohlwini lwayo lwabasebenza kuwona.
UMotalatale Modiba okhulumela umnyango uthe: “Kuvulwe icala lobugebengu ngokuhambisana nomthetho wabasebenzi bezempilo okungumthetho 56 of 1974 oveza ukuthi ukusebenza ube ungabhalisiwe ngaphansi komkhandlu iHPCSA, kuyicala ukwenza umsebenzi ungabhalisiwe nabeHPCSA kuyicala futhi ukuthi noma yimuphi umuntu osebenzisa noma yiliphi igama, isihloko, incazelo noma uphawu olubonisa, noma obalelwe ukuholela abantu ekutheni bacabange ukuthi unegunya lanoma yiziphi iziqu.
Kuningi. pic.twitter.com/YPEZbs1OQc
— ABDUL'KUHLE (صقل مُحَمَّد) (@Cwenga_Sir) October 9, 2023
Uthe esebuzwa ngodaba lwakhe lwamanga kwi-podcast kaPhiwe Live, leli bhungu lithe: “UMatthew Bongani Lani yigama likamfowabo futhi nguyena umnikazi wenkampani asebenza ngayo. Isibongo sikaLani ngesakomalume, empeleni yena usebenzisa esihlukile esikayise.”
— Thendo Ralph (@ThendoRalph) October 10, 2023
Lokhu kuphambene nenkulumo ake ayiveza yaphambilini ezingxoxweni zakhe zamihla namalanga lapho aveza khona ukuthi isibongo sikaLani waziqambela sona-nje akahlanganise lutho naso.
Kuthe kusabhekwe lokho namacala avulelwa wona, kwenzeka isimanga kuyo inkundla Tik Tok ivala i-akhawunti yakhe esaveteza izindaba njengenhlalayenza.
I-akhawunti yakhe ivalwe esachaza ngobuhlungu bokuvalwa ngumuntu ezinkundleni zokuxhumana, esabhala umlayezo.
Tik Tok banning Dr Matthew while explaining is equivalent to someone blocking you while you are busy typing 😭 pic.twitter.com/nzrHw1qLI1
— The Instigator (@Am_Blujay) October 10, 2023