UMKHUZI wamaphoyisa uGeneral Fannie Masemola usekhiphe umehlokaboni kaR350 000 kongaba nolwazi ngokunyamalala kwamaphoyisa amathathu ngesonto eledlule esendleleni esuka eBloemfontein eya eLimpopo ngesonto eledlule.
Lamaphoyisa angoConstable ngoBoipelo Senoge (20), Linda Cebekhulu (24) noKeamogetswe Buys (30).
Amaphoyisa akholwa wukuthi adunwa imoto ase eyathunjwa emgwaqeni uN1 eGoli. Agcina ukubonakala kwi-video esegarani i-Engen eGrasmere Toll Plaza ngo-Ephreli 23 ehamba ngeVW Polo emhlophe esendleleni ebheke emsebenzini eLimpopo lapho ayejutshwe khona.
UMasemola uthe ngeke baze baphumule kuze kube bayabathola ozakwabo. Icala lokunyamalala kwabo isingethwe amathimba ahlukene amaphoyisa okubalwa izinhloko zezobunhloli nabaseshi zaseLimpopo, Free State naseGauteng.
“Njengobuholi bamaphoyisa sinethemba lokuthi ithimba elisebenza ubusuku nemini kuleli cala lizothola ukuthi ubani owenze kwanyamalala ozakwethu. Amaphoyisa awabonisani nezigebengu futhi ngeke siqale manje,” kuxwayisa uMasemola.
Onolwazi ucelwa ukuthi ashayele umseshi uCaptaon Chaacha Manga ku-082 527 6099