KUKHALWA ngomkhuba wokwanda kwamaphutha enzeka uma kugaywa amaphepha ka-matric kanjalo nabafundi abasaqhubeka nomkhuba wokukopela sekubhalwa.
Lesi sikhalo sikhishwe wumkhandlu oqinisekisa izingabunjalo lika-matric, Umalusi, ngesikhathi izikhulu zomkhandlu zivela phambi kwekomiti lezemfundo ePhalamende.
UDkt Mafu Rakometsi isikhulu esiphezulu somkhandlu, uzwakalise ukukhathazeka ngamaphutha enzeka uma kugaywa, kupakishwa amaphepha kanjalo nabafundi abakopelayo.
Uthe lezi ngezinye zezinto abayalele umnyango ukuthi uzilungise.
“Iyasikhathaza eyamaphutha agcwele emaphepheni ka-matric, aphazamisa abafundi. Kuyakhathaza futhi ukuthi minyaka yonke iyanda le nkinga yokukopela kwabafundi ababhala u-matric,” kusho uRakometsi.
Uthe imiphumela yabasolwa ngokukopela ibanjiwe, kuze kuphothulwe uphenyo olwenziwa wumnyango.
“Okukhathaza kakhulu ngukuthi uthola ukuthi nothisha yibona abaseqhulwini lokukopelisa abafundi. Bangu-955 abafundi ababanjwe ukuthi bakopelile nyakenye. Lesi sibalo sehlile sisuka ku-1900 ngo-2022,” kusho uRakometsi.
Uveze ukuthi banike umnyango kuze kube wuMashi 15, 2024 ukuthi ulethe uhlelo lokulungisa izikhalazo zabo.
UMqondisi-jikelele emnyangweni, uMnuz Mathanzima Mweli, uveze ukuthi sehlile isibalo sabafundi ababanjwa bekopela.
Uthe iyabakhathaza eyokukopela kwabafundi. Uthe benza uphenyo.
UDkt Rufus Poliah obhekele izivivinyo emnyangweni, uthe benza isibonelo ngababanjwe bekopela noma ababanjwe besiza abafundi ngesikhathi kubhalwa.
Uthe omunye wothisha baseMpumalanga, owasiza abafundi bekopela kubhalwa izivivinyo zika-matric, ukhonjwe indlela.
“Lo thisha waqondiswa ubugwegwe wase exoshwa. Asibabekezeleli labo esibabambe begila lo mkhuba. Liyehla izinga labafundi ababanjwe bekopela u-matric.”
Uthe bazolwethulela Umalusi uhlelo lwabo lokuphucula izinto umkhandlu okhale ngazo ngesikhathi kubhalwa.
USihlalo wekomiti lezemfundo ePhalamende uNkk Bongiwe Mbinqo-Gigaba, uncome umnyango ngokuthi kunozinzo kwezemfundo.
Uthe ukunyuka kwezinga lokuphasa lifihyelele ku-82.9% yinto encomeka kakhulu.
“Kuyancomeka ukunyuka kwezinga lokuphasa kuleli. Sijabula kakhulu ngokuthi izifundazwe ezisemakhaya, okubalwa iKwaZulu-Natal neLimpopo zenze kahle.”