UKHALA ngezindawo zokucima ukoma ezingoqhibukhowe endaweni umndeni wowesifazane wasesigodini saKwaMthethwa eMfolozi, isidumbu sakhe esitholwe ethuneni elingashoni.
UNksz Lindeni Ngubane (29) kuthiwa wanyamalala ngoSeptemba 8 kade eyophuza khona kuyo le ndawo yokucima ukoma isidumbu sakhe esitholakale sigqitshwe eduze kwayo.
Kuthiwa isidumbu sakhe sivele emva kokuthi umsolwa ehambe wayokhomba lapho amgqibe khona, emva kokunamathelwa amaphoyisa.
Kukhona izinsolo ezithi umsolwa ubethandana nomufi, nokho umndeni uthe ngeke ukwazi ukuqinisekisa lezo zinsolo.
Ngokusho kukamalume kamufi, uMnuz Pat Ngubane, umufi ubelimele kakhulu ekhanda kanti nesidumbu sakhe besesonakele.
Echaza, uthe ubenqunywe umqala, enembobo ekhanda, engasabonakali nakahle.
“Simbone ngezimpahla eyezigqokile (ngesikhathi enyamalala). Okubuhlungu kakhulu ukuthi ubesenezilwane, engasabambeki, esecosuka,” kusho uNgubane.
Uthe indlela abelimele ngayo umufi ayibaphathanga kahle.
“Akuyona into ongayifisela umuntu. Sifisa kube sengathi ingagcina ngathi, ingaphinde yenzeke esigodini sethu ngoba iyichilo, ayibukeki,” kusho uNgubane.
Uqhube wathi bayafisa ukuthi nazo izingane zabo ziyibuke ngeso elibanzi eyokubulawa kukamufi.
"Ziyiqonde leyanto, zithi uma ziyibuka, zibone ukuthi ukuhamba ebusuku nokungaphatheki iyo into esidalela izinkinga ezifana nalezi. Silana nje yiso lezo sizathu.
“Nale nto abayidlayo esigcwele umhlaba wonke, esingayazi namagama ayo, ebasanganisa amakhanda,” kusho uNgubane.
Ugogo kamufi, uNkk Ntombizodwa Ngubane uthe: “Siyakhala ngalezi zindawo zokucima ukoma ezingoqhibukhowe endaweni ngoba ingane yethu ilimale ibuya khona.”
IMeya kaMasipala waseMfolozi uMnuz Xolani Bhengu, uthe babuhlungu kakhulu ngesigameko.
Uthe bayafisa ukuthi abantu babuyelwe wonembeza, bayeke ukuhlukumeza abantu besifazane kanye nezingane.
“Izimo ezifuze lezi ziyathusa futhi ziyashaqisa kodwa kusitshela ukuthi kuningi okumele sikwenze ukuze abantu babuyelwe ngonembeza, siphinde sibheke nokutholakala kwezidakamizwa kuleli,” kusho uBhengu.
Uqhube wathi bayanxusa ukuthi izinhlaka zikahulumeni zingenelele kulesi sihlava.
Umufi ushiye izingane ezimbili ezineminyaka engu-5 no-11 kanti ufihlwe izolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aKwaMbonambi abophe owesilisa (22) ngecala lokubulala.
“Kutholwe isidumbu sowesifazane (29) sinezibazi umzimba wonke. Isidumbu bese siqala ukonakala. Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni,” kusho uLt Col Gwala.