IZAKHAMUZI zaseNdwedwe zithwele kanzima ngenxa yabelaphi bendabuko ku-ward 4 abanqume izimbuzi nezinkukhu bazishiya phakathi emfuleni iNsuze.
Lokhu kuvezwe yinduna yendawo, uMnuz Bheki Khanyile, othe ngeSonto ubikelwe ukuthi kukhona abantu abafike bashiya izimbuzi ezine nezinkukhu ezine emanzini.
“Zafakwa ngoMgqibelo ebusuku uma ngibuka. Asinayo indlela yokuthola ukuthi bebeqhamukaphi. Lokhu kwasithikameza, sangazi ukuthi sizokwenzenjani. Ngaze ngayozikhipha mina lezi zimbuzi nezinkukhu, ukuze kuqhutshekwe nokuthi kuphuzwe amanzi,” kusho uKhanyile.
Uthe lo mfula yiwo wodwa ongumthombo wamanzi kule ndawo osekuphele iminyaka ngeminyaka ingenamanzi.
Uthe phambilini ibikhona eminye imifula ebebeyisebenzisa phambilini, kodwa ishile, kwasala yona iNsuze. Uveze ukuthi bakhona ompompi abafakelwa bona ngo-2002, abaphuma amanzi isikhashana aphinde avaleka.
Uthe emva kwalokho batshelwa ukuthi amanzi sebezowadonselwa edanyini elingaphansi kukaMasipala waKwaMaphumulo kodwa nalokho kwangenzeka. Uthe kamumva batshelwe ukuthi sebezohlomula ohlelweni olungaphansi kukaMasipala waseMshwathi.
“Thina sicela amanzi kumasipala. Amanzi esiwadingayo, ngoba lokhu kokuthi kuthiwe sithunyelelwa amaloli amanzi, akusanelisi. La maloli afika kabili ngenyanga. Lawo manzi awaseneli, mancane. Thina sidinga iloli ezofika nsuku zonke,” kusho uKhanyile.
OwayenguSihlalo weSouth African Traditional Healers Organisation KwaZulu-Natal, uMnuz Sazi Mhlongo, uthe imvamisa kuba yizinyanga zasemazweni angaphandle ezenza lo mkhuba wokugeza abantu emfuleni zishiye kanjalo izilwane ezisuke zizisebenzisa.
“KwaZulu, uma wenza umsebenzi wesintu ongenabumnyama, inyama ingangadliwa yilowo osuke egezwa, kodwa abanye bavumelekile ukuyidla. Uma kwenzeka ukuthi kunesimo esiphoqa ukuthi ingadliwa, ngokujwayelekile kusuke kufanele bayimbele bayigqibe, bangayishiyi kanjalo,” kusho uMhlongo.
Uthe okwenziwe kulesi sigameko kuyichilo abangahambisani nalo bengabelaphi abaqondile.
IMeya kaMasipala waseNdwedwe, uMnuz Sam Mfeka, ithe indaba yamanzi isingethwe uMasipala wesifunda (iLembe).
“Ikhona iphrojekthi eqhubekayo kodwa ayisheshi njengokwesifiso somphakathi. Kodwa uma iphela isimo sizoba ngcono kakhulu. Yona ikhona inkinga yamanzi endaweni yaseNdwedwe,” kusho uMfeka.
Uthe ngokolwazi lwakhe, likhona iloli eliphakela u-ward 4 ngamanzi.
“Akukwazi ukuthi kuthiwa lifika kabili ngenyanga. Okusho ukuthi kukhona inkinga ekhona. Ngizo-ke ngithinte ikhansela lakhona ngizwe ukuthi kwenzekani,” kusho uMfeka.