ZIZOGWETSHWA kanzima izitshudeni zasenyuvesi i-Unisa, ‘ezihlinza imbuzi’ uma kubhalwa izivivinyo.
Lesi sexwayiso sikhishwe yinyuvesi, yathi izitshudeni ezikopelayo zizibeka engcupheni yokuxoshwa futhi ngeke zikwazi ukufunda kwenye yamanyuvesi akuleli, iminyaka ecela kwemihlanu.
Isexwayiso sikhishwe yinyuvesi yathi siyanda isibalo sezitshudeni ezibanjwayo ukuthi zikopelile, nalezo ezibhalelwa ngabanye izivivinyo. Inyuvesi ithe ihlale izixwayisa izitshudeni ukuthi zipheze ukwenza lokhu ngoba zizothola izigwebo ezinzima.
Inyuvesi ithi lo mkhuba wande ngisho nakulabo abasalelwe yisifundo esisodwa noma ezimbili ukuthi baphothule iziqu zabo.
Akugcini nje ngalabo abakopelayo kodwa nalabo abathatha imisebenzi yabanye bayenze eyabo, bayakhalinywa ukuthi bakuyeke lokhu.
Okhulumela inyuvesi uMnuz Tommy Huma, uthe basebenzisa uhlelo lwesimanje lwezobuchwepheshe uma sekubhalwa olwaziwa nge-invigilator app, eqapha yonke into.
Uthe njengoba beqinisa izinhlelo zabo zokubamba abagila imikhuba uma kubhalwa, ihhovisi lenyuvesi elibhekele ukuqondiswa kobugwegwe lithole ukuthi u-97% wezitshudeni, ebezibizelwe ngaphambi kwalezi zigcawu zilahlwe amacala okukopela.
“Lezi zitshudeni zithole izigwebo ezifana nokuthi zigingqe iqanda ezifundweni zazo, zixoshwe iminyaka emithathu kuya kwemihlanu enyuvesi. Izigwebo zokukopela zinzima ngoba olahlwe yicala akaxoshwa kuphela e-Unisa kodwa akakwazi ukufunda kunoma iyiphi enye yamanyuvesi akuleli.”
Uthe labo abakopelayo bathunaza iziqu negama lenyuvesi kanjalo nezitshudeni ezizikhandlayo ngokufunda. Wathi izitshudeni zingena kwi-app bese iqopha konke okwenzayo.
“Uma ulokhu wehla wenyuka iqopha konke. Kube sekuphenywa ukuthi ubuwenzani yingakho sibabamba kalula abebekopela. Uma kuphela isikhathi iyazicima awube usakwazi ukuqhubeka nokubhala. Asisayi ezikhungweni zokubhalela.”
Uthe izitshudeni eziningi ezibanjwe ukuthi zikopelile, zikhale ngesikhathi eside sokuthi kuphothulwe amacala azo.
“Amacala adonsa nje yingoba kudingeka kutholakale ubufakazi obuqanda ikhanda. Kubhekwe izinto ezithinta umthetho ukuze kunikwe isigwebo esifanele labo abasuke belahlwe amacala.”
Le nyuvesi ixwayise izitshudeni ngokuthi zingalingeki ngokuthi zikopele izimpendulo kozakwabo noma zisebenzisane uma kuphendulwa imibuzo ngoba zizobanjwa.
“Kunomkhuba wokuthi kuthengwe izimpendulo kulabo abazidayisayo. Abanye basebenzisa ezobuchwepheshe i-Artificial Intelligence Software, ukukopela. Sinxusa ukuthi kulandelwe imigomo efanele uma sekubhalwa ukuze izitshudeni zingazitholi zisenkingeni.”
Inyuvesi ithe zikhona izinhlelo nezinsiza zokusiza labo ababhalayo.
“Konke kulele ezandleni zezitshudeni. Akunamiphumela emihle ukuzibandakanya nezinto ezingafanele uma sekubhalwa ngoba zizibeka engozini yokuthi zingaphothuli iziqu ngesikhathi.”