ZISUKUNYELWA yizikhulu zomsakazo Ukhozi FM, izikhalo ngezigilamkhuba okuthiwa zehla zenyuka ngemoto, zigcweleza abantu zizenza abasebenzi bomsakazo. Isolezwe ngeSonto lihoshe ukuthi abantu thizeni abahamba ngemoto, bathembisa abantu izimpahla zoKhozi FM, izambulela, izikibha nokunye bese bebagebenga.
Kuvela ukuthi umsakazo uthole izikhalo kubantu okuthiwa abanye bathunjwa, abanye bakhuthuzwa imali yilezi zigilamkhuba. Kuvela ukuthi kunephimbo eliqoshiwe ebelisabalele kukhona okhala ngalezi zigebengu ezizenza abasebenzi boKhozi FM. Umsakazo usanda kwethula izimbadada ezibizwa ngokuthi wuShuni WoKhozi, nazo ezithathwa njengenxenye yempahla olukhangisa ngayo.
Kuthiwa udaba lokuqolwa kwabantu luthe uma lufika ezikhulwini zomsakazo zanquma ukuthi kusukunywe, kuxwayiswe abantu. Bagcine bekumemezela emoyeni futhi umsakazo ubuziqhelanisa nezigilamkhuba. Isexwayiso sike sezwakala sifundwa ngomunye wabasakazi abasebenza emini uZimiphi “Zimdollar” Biyela, exwayisa abalaleli ngezigebengu.
Okhulumela iSABC uNksz Mmoni Seapolelo, uthe abaphathi boKhozi FM bakhathazeke kakhulu ngezikhalo zabantu yingakho bethatha izinyathelo zokuthi baxwayise abalaleli babo.
“Singaqinisekisa ukuthi Ukhozi FM luthole umbiko ngephimbo eliqoshiwe elikhuluma ngabantu abahamba bezenza abasebenzi boKhozi. Bathembisa abantu izimpahla zoKhozi FM ikakhulu izambulela. UKhozi lube seluqala ukuxwayisa ngalokhu emoyeni kusukela ohlelweni lwasekuseni iVuka Afrika Breakfast Show. Kufundwe isexwayiso emoyeni kusukela ngomhlaka 5 kuya ku-9 Ephreli 2023,’’ kuchaza uNkzs Seapolelo.
Maqondana nokuvulwa kwamacala obugebengu, abeSABC abaphendulanga nakuba iphephandaba belibuzile ngakho.
Kwenzeka konke lokhu nje, uKhozi FM lusanda kumemezela izinguquko zabasakazi njengoba bekuphela unyaka walo wezezimali. Alugcinanga kubasakazi kodwa lutheze uMphathi weziNhlelo uNksz Pearl Maseko, ozoqala ngoMeyi 1, ukusebenza nozovala isikhala sikaNksz Zandile Tembe osewahamba.