I-DA isihlabe ikhwelo kuNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uNkk Mbali Frazer, ukuthi angenele ezikoleni ezixosha abafundi abakhulelwe.
Leli qembu lithe okhulelwei kuthiwa akabuye uma esebelethile.
UDkt Imran Keeka we-DA, uthe akumele kubukelwe phansi amalungelo abafundi abakhulelwe.
Uthe laba bafundi kumele bavunyelwe ukuthi bafunde ngoba lesi ngesinye sezizathu ezenza abafundi balaxaze isikole.
“Akumele banqatshelwe ukuthi bafunde. Kuyicala ukuthi umfundi axoshwe ngoba ekhulelwe yingakho sithi ungqongqoshe akangenele.”
Leli qembu lisho lokhu nje izibalo ezethulwe nguNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncibe, azethule ePhalamende lezingane kuleli sonto, ziveze ukuthi nyakenye kukhulelwe izingane ezingu-8152 eziphakathi kuka-10 no-19 weminyaka.
Uthe kulezi ezingu-627 zineminyaka engu-10 kuya ku-14 kuzona zonke izifunda esifundazweni. Isifunda esinabafundi abaningi abakhulelwa nyakenye, uGu.“
Uthe kuyingozi ukukhulelwa kwabafundi besebancane.
“UMnyango wezeMfundo nowezeNhlalakahle iyasebenzisana ukuze kunqandwe lesi sihlava sokukhulelwa kwezingane. Kunezimbizo ezenziwe iminyango ehlukahlukene ngodaba lokukhulelwa kwamantombazane.”
Uthe lezi ngezinye zezinto izingane ezakhala ngazo ngesikhathi kuhleli iPhalamende nyakenye eFilidi.
“Kunemigomo eyakhiwe ukuze intsha ikwazi ukuzikhethela ezoyisebenzisa ukuze izivikele ekukhulelweni. Kunohlelo olusemitholampilo olwaziwa nge-Happy Hour, uma uya esikoleni awuwubambi ulayini uyangena nje uthole izinto zokuzivikela. Uma kungukuthi lezi zinhlelo azikafiki kuyona yonke imitholampilo, asikhulume ukuze zibekhona kuyona yonke silwe nesihlava sokukhulelwa kwabafundi.”
Ukhale ngentsha ekholelwa ezintweni ezifunda ezinkundleni zokuxhumana ngokuzivikela ekutheni ikhulelwe.
Lokhu uthe kwenza intsha igcine isimanqika ukuyozivikela.