I-DA ikhala ngokuphazamiseka kokufunda nokufundisa ezikoleni zaKwaZulu-Natal naseThekwini ngenxa yenkinga yamanzi ehlasele.
Leli qembu likhala ngokuthi kudingeka abafundi basheshe badedelwe ezikoleni uma kunqamuka noma kuphela amanzi.
Okhulumela i-DA kwezemfundo esifundazweni, uDkt Dr Imran Keeka, ukhale ngokuthi uMasipala weTheku usushayeke kakhulu ngale nkinga yamanzi.
Uthe lo mkhandlu uyehluleka wukuhlinzeka abantu ngamanzi ahlanzekile kanjalo nezikole.
“Lokhu kwenza ukuthi izikole zisheshe zidedele abafundi ngoba amanzi engekho. Kuphazamiseka ukufunda nokufundisa ukwenza lokhu.”
Uthe kwenzeka lokhu nje akukapheli ngisho iminyaka emingaki kwagadla ubhubhane iCovid-19 kuleli.
Sekuyinsakavukela ukuthi njalo uma kunenkinga yamanzi izikole eziningi zisheshe zidedele abafundi ukuthi baye emakhaya ngoba izindlu zangasese zisuke zizogcwala.
Kwezinye izikole kuze kuthiwe akufike kuphela u-matric uzofunda abanye abafundi bahlale emakhaya ngenxa yamanzi.
Le nkinga ayiphazamisi kuphela izikole kodwa nezikhungo zemfundo ephakeme ziyaphazamiseka ngenxa yenkinga yamanzi.
EThekwini umkhandlu uveze ukuthi uyayazi le nkinga futhi uyayisukumela.
Izikhulu zomkhandlu zizikhalela ngokuvuza okwenza ukuthi kulahleke amanzi.
Zikhala nangokuba ndala kwengqalasizinda okwenza ukuthi ingabi sesimeni esikahle sokuhlinzeka ngamanzi.
Okunye okukhalisa izikhulu yizikhukhula ezihlasela eThekwini nezicekela phansi ingqalasizinda.
Ikhomishini yamalungelo abantu ithi isebenza ngamandla ukulungisa le nkinga yamanzi eThekwini.