AJIKISIWE amabhasi awosigedlemba abecuthele ukuthutha izimbali zezwe eziya eMkhosini woMhlanga wakulo nyaka oyingqophamlando njengoba kuphela iminyaka engu-40 lomkhosi wavuselelwa kabusha.
Abanikazi bamabhasi okutholakale ukuthi awekho esimweni batshelwe ukuba balethe amanye amabhasi alungele ukuthutha amatshitshi alibangise esigodlweni eNyokeni, KwaNongoma.
Angu-31 amabhasi okutholakale ukuthi awakulungele ukuba semgwaqeni.
Lokhu kudalulwe uMphathiswa wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma, obekade eyohlola amabhasi azothutha izintombi.
UDuma uthe emabhasini angu-177 ahloliwe, angu-146 okutholakale ukuthi akulungele ukuba semgwaqeni.
“Lokhu kusho ukuthi sikwazile ukusindisa imiphefumulo engenacala njengoba sikhiphe lamabhasi angu-31 emgwaqeni. Kusobala ukuthi lamabhasi angamathuna ezihlalele. Abanikazi bala mabhasi sebetsheliwe ukuthi abalethe amanye amabhasi akulungele ukuba semgwaqeni.”
UDuma uthe baphinde bahlola namatekisi, wathi onke amatekisi ahloliwe atholakale ekulungele ukuba semgwaqeni.
“Siyabonga kubanikazi bamatekisi ngokulandela imithetho yomgwaqo.”
UDuma uthe babeke phambili ukuphepha kwezimbali zesizwe ikakhulukazi njengoba umkhosi wakulo nyaka uyingqophamlando.
“Njengoba nonke nizokhumbula ukuthi siqale inyanga yamagugu ngokubamba umhlangano obalulekile neSilo uMisuzulu kaZwelithini. Emhlanganweni, iSilo sigcizelela kakhulu eyokuphepha kwezintombi.
“Kule minyaka engu-40 eyedlule uMkhosi woMhlanga ukhulile kakhulu njengoba usuhanjelwa ngisho nangabantu abaqhamuka emazweni angaphandle. Likhulu isasasa elikhona ngomkhosi wakulo nyaka njengoba izindawo zokulala sezigcwele esifundeni iZululand.”
UDuma uthe amaphoyisa omgwaqo azokube ephume ngezinkani kule mpelasonto.
“Amaphoyisa azobonakala emisa izimoto namabhasi, ehlola ukuthi akulungele yini ukuba semgwaqweni.”
UDuma uthe banezingxoxo nabanikazi bamaloli, wathi bafisa ukuthi amaloli ayigweme imigwaqo emikhulu ezosetshenziswa abantu ababheke eNyokeni.
Phakathi kwemigwaqo ayibalulile osuka uR66 phakathi koLundi noNongoma, R66 phakathi kweGingindlovu noLundi, R66 phakathi koPhongolo noNongoma, uR618 phakathi koNongoma noHlabisa kanye noR618 phakathi koNongoma neVryheid.
Izimbali zezwe ziqale ukutheleka eNyokeni izolo, umkhosi uzophela ngeSonto.
Kulindelwe izintombi ezingaphezu kuka-40 000 emkhosini wakulo nyaka.
UMkhosi woMhlanga wavuselelwa kabusha iNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu ngo-1984, ngesikhathi kubusa iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.