OSOMABHIZINISI abasafufusa balishayele ihlombe ikhwelo likaMasipala weTheku nophiko lwezokuthutha eThekwini, iGo Durban, le-Open Street lapho bekuvalwe khona umgwaqo uFlorida izolo ngenhloso yokuvumela abantu ukuhamba ngokukhululeka, kuphinde kunikwe nabo osomabhizinisi ithuba lokukhangisa imikhiqizo yabo ehlukene.
Omunye wosomabhizinisi abebehambele kulo mbukiso, uNksz Melo Ntleko weTakkieWash, uthe akasikhaleli isikhathi sakhe sokuza kulo mcimbi nethimba asebenzisana nalo ngoba usizakale kakhulu ukumaketha ibhizinisi lakhe lokuhlanza amateku nezicathulo.
“Lolu hlelo lusisize kakhulu ukumaketha ibhizinisi lethu mahhala nokuliveza ebantwini, ikakhulu ngoba selineminyaka engaphezu kwemihlanu likhona kodwa abantu abakalazi ngendlela esifisa ngayo. Sisizakele kakhulu ukuba la namuhla (esho izolo) ukwenza abantu babone umsebenzi esiwenzayo, okuzosiza kakhulu ukusidobela amakhasimende amaningi,” kuchaza uNksz Ntleko.
UNksz Awelani Ndwamado, odabuka eLimpopo kodwa osezinze eThekwini ngebhizinisi lamakha okunukisa kamnandi endlini, iLameni Candles, naye uthe usizakele kakhulu ngokuba khona kulo mcimbi ngoba kwenze ibhizinisi lakhe lazeka kalula ebantwini.
“Ngicabanga ukuthi leli yikhwelo elihle kakhulu elenziwe wuMasipala weTheku futhi ngisizakele ngamakhasimende athenge imikhiqizo yami, ngakwazi nokuthwebula izithombe engizozisebenzisa ukukhangisa ibhizinisi lami ezinkundleni zokuxhumana ukudoba amakhasimende,” kusho uNksz Ndwamado.
Ngaphandle kosomabhizinisi abakhangise ngamabhizinisi abo ehlukene, bekukhona nabebezivocavoca, abadansayo, abemidlalo ehlukene yezingane - kugcwele nabantu abebezobuka ukuthi kwenziwani, abanye baya nasezindaweni zobumnandi ezahlukene ezikuFlorida.
UNksz Philisiwe Ndlovu, woMkhandlu weTheku, uthe okwenze bethula lolu hlelo wukufuna ukugqugquzela abantu ukuhamba ngezinyawo emigwaqweni ehlukene yeTheku, babone ubuhle balo nezindawo zokuzijabulisa.
Inhloko yeGo Durban, uMnuz Thami Manyathi, ithe abazukugcina ngokuza emgwaqweni uFlorida kuphela kepha bazoqhubeka nalolu hlelo emalokishini akhele iTheku; okuwuMashu, Ntuzuma naseNanda, abakholwa wukuthi luzosiza kakhulu ukufukula umnotho wedolobha iTheku.