ABAFUNDI baka-matric, ababhuquza emakhaya nezitifiketi zika-matric kanjalo nabasenkulisa, banyelwe yinyoni esandleni.
Lokhu kuvele ngesikhathi kunomcimbi wokwethulwa kwezinhlelo zokuhlomisa intsha ngolwazi nangamakhono eNkungumathe Youth Centre, eNkandla muva nje.
Abaka-matric, abenza izifundo iMaths neScience, bazocijwa ngothisha abangongoti balezi zifundo ngezimpelasonto.
Umgqugquzeli wombuthano, uMnuz Mthokozi Mchunu, uthe lolu hlelo lokutakula abafundi balezi zifundo ezimqoka luxhaswe ngesamba sikaR400 000 yiLocal Government Sector Education and Training Authority (LGSeta).
"Le mali izobhekela izindleko zokugibela, ukudla, izinsiza zokubhala, ama-Scientific Calculater nokubonelela othisha ababili abajutshwe wuMkhandlu iKing Cetshwayo."
UMchunu uthe babuye basiza nentsha eno-matric kodwa engazi ukuthi izokwenzani.
"SiyiNkungumathe NPO sixhumane neFinance and Accounting Services Sector Education and Training Authorities (Fasseta) sabatholela izindawo abazothi befunda bebe besebenza kuzo futhi bethola nemali eyisibonelelo. IFasseta ibuye yabanikeza nama-laptop abazowasebenzisa izinyanga eziwu-12. Bazoqhubeka bawasebenzise ngisho sebeluphothulile uhlelo ebebelwenza."
Eqhuba uMchunu uthe babuye baqokwa yigaraji lasendaweni iSasol Mathulas Garage, ngaphansi kohlelo lwalo olubizwa ngeSasol Neighbours, ngenhloso yokufukula imfundo yenkulisa iSwelihle Creche.
Uthe leli garaji lixhase lolu hlelo ngoR20 000.
"Sithenge izinsiza zasenkulisa ezinjengezitofu, ithelevishini, amabhodwe, amafriji nokunye."
Lo mcimbi bewuthanyelwe nayiPhini loMqondisi-Jikelele loMnyango wezokuThutha kuZwelonke, uMnuz Chris Hlabisa, naye uchazele abafundi ngezinhlelo ezitholakala kulo mnyango ezifana nemifundaze, ama-learnership nemisebenzi. UHlabisa akagcinanga lapho kodwa ubuye waqwashisa umphakathi ngezingozi zemigwaqo.
Kubuye kwanikezwa amaSeta ahlukahlukene ithuba lokuba achazele intsha ngamathuba anawo. Kwabuye kwayobukwa ibhuloho elakhiwa kule ndawo.
Abanye ebebehambele lomcimbi yiNkosi yendawo, uZakhe Mpungose nenduna yayo, uMnuz MS Mahaye, uNksz Nokulunga Mthombeni weFasset) noMnuz Eliot Seake weLGSeta.