KUHLEHLELE imaphakathi nale nyanga ukuvotelwa kwegama loMvikeli woMphakathi olandelayo ePhalamende, u-Adv Kholeka Gcaleka.
KUHLEHLELE imaphakathi nale nyanga ukuvotelwa kwegama loMvikeli woMphakathi olandelayo ePhalamende, u-Adv Kholeka Gcaleka.
Ukuvota bekumele kwenzeke ngoMsombuluko ozayo, kuhambisane nokuvotelwa kokuchithwa esikhundleni koMvikeli woMphakathi osamisiwe u-Adv Busisiwe Mkhwebane kodwa ikomiti losotswebhu bamaqembu ePhalamende labona ukuthi uma kuhlanganiswa lezi zinto zombili, kungagcina sekudonsa kuze kube yisebusuku njengoba kumele kuvotwe.
USotswebhu we-ANC uNkk Pemmy Majodina, uphakamise emhlanganweni ukuthi kungcono ngoMsombuluko kuvotelwe eyokuchithwa kuka-Adv Mkhwebane, bese ngokuhlangana okulandelayo kwePhalamende kuvotelwe igama lomvikeli olandelayo.
U-Mnuz Narend Singh we-IFP, uvumelene noNkk Majodina ukuthi kuhlehliswe ukuvotelwa komvikeli olandelayo.
Nabanye abaholi bamanye amaqembu bavumelene nalesi siphakamiso sokuthi lokhu kuvotelwa kuhlehliselwe uSepthemba 21, 2023.
Ihlandla likamvikeli womphakathi liphela ngenyanga ezayo.Ikomiti lasePhalamende ebelithungatha umvikeli olandelayo, liphakamise igama lika-Adv Gcaleka ekubeni umvikeli womphakathi.
IPhalamende lizovotela leli gama, uma lesekwa ngamalungu amaningi lizobe seligunyazwa ukuthi lidluliselwe kuMengameli Cyril Ramaphosa, ukuze amqoke ngokusemthethweni.
Khonamanjalo umholi we-ATM uMnuz Vuyolethu Zungula, ubhalele uSomlomo uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, emnxenxa ukuthi kusetshenziswe uhlelo lokuvota ngokuyimfihlo, uma sekuchithwa u-Adv Mkhwebane. I-UDM iyahambisana nesicelo sikaZungula.
Usomlomo uthe usasicubungula isicelo se-ATM.
Kudingeka amavoti angu-240 amalungu ePhalamende ukuze kuphase igama lika-Adv Gcaleka, ukuze kuchithwe u-Adv Mkhwebane kudingeka amavoti amalungu angu-267 ukuze asuswe esikhundleni.
Khonamanjalo uSihlalo wekomiti ebeliphenya eyokulungela ukuba sehhovisi kuka-Adv Mkhwebane, uMnuz Qubudile Dyantyi, usamukele isinqumo sekomiti elibheka ukuziphatha kwamalungu ePhalamende, elimkhiphe phambili mayelana nezinsolo zokuthi bazama ukugwazisa u-Adv Mkhwebane ukuze angachithwa.
Uthe ubelokhu emile ekutheni umsulwa nokuthi lezi zinsolo azinasisekelo.
“Ngiyajabula ukuthi ngimsulwa nokuthi ngikhishwe phambili. Kwakuyizinhloso zokuthi kuphazanyiswe umsebenzi wekomiti.”
Uthe ikomiti lithole ukuthi akukho okubambekayo mayelana nokuthi uDyantyi wathola intshontsho likaR200 000.
Ubonge abebemeseka njengoba ekhishwe phambili.
Leli komiti ngenyanga edlule liphakamise ukuthi asuswe u-Adv Mkhwebane ehhovisi.