INkantolo eNkulu yaseGoli ikuhlehlisile ukukhishwa kwesigwebo sabayisikhombisa baseChina kanye nenkampani yabo i-Beauty City (PTY) Ltd, abatholwe benecala lokuxhaphaza abasebenzi kanye nokushushumbisa abantu ngenyanga edlule.
NgoFebhuwari 25, 2025, laba basolwa nenkampani yabo balahlwa amacala awu-160 okubalwa kuwo awokushushumbiswa kwabantu nokugqilazwa kwezingane.
IJaji u-J Mhango lithe kuyinto ecacile ukuthi abasolwa baphethe i-Beauty City futhi balawule ukusebenza kwayo; ukuthi ifemu iqashe abantu bakwamanye amazwe - ikakhulukazi abaseMalawi; ukuthi kubekhona abasebenzi abalimalayo emsebenzini; ukuthi abasebenzi abadabuka eMalawi bebekuleli ngokungemthetho; ukuthi abasebenzi bakule femu basebenze kusukela ngoMsombuluko kuya ngeSonto futhi bekhokhelwa amaholo angaphansi kwenani elibekiwe ngokweNational Minimum Wage (NMW) okuyisidingo esisemthethweni ezweni.
Abamangalelwa abalahlwe ngamacala nguKevin Tsao Shu-Uei, Chen Hui, Qin Li, Jiaqing Zhou, Ma Biao, Dai Junying, noZhang Zhilian. Abasolwa bebebhekene namacala okungabhalisi abasebenzi esikhwameni sesinxephezelo; ukwehluleka ukugcina amarekhodi emali abayitholayo; ukwehluleka ukuhambisa imbuyiselo yabo kumholo; ukwehluleka ukukhokha kanye nokumemezela izilinganiso; ukwehluleka ukugcina indawo yokusebenza iphephile; ukwehluleka ukubika ngokulimala kwabasebenzi; ukwehluleka ukubhalisa abasebenzi kukhomishana wesikhwama somshwalense sabangasebenzi; ukwehluleka ukwazisa ukhomishana mayelana nezinguquko zomshwalense Wokungasebenzi; icala lokushushumbisa abantu; ukusiza ukushushumbiswa kwabantu; ubugqila; ukuzuza ngokugqilazwa kwabantu abashushumbisiwe; ukusiza abokufika ukuthi bahlale kuleli ngokungemthetho.
Icala labo lihlehliselwe u-Ephreli 29 no-30, lapho kuzoqhutshekwa khona nesigwebo esibhekene nomsolwa wesithupha, uDai Hunting (63).
UDai Hunting, okumanje udedelwe ngebheyili ngenxa yezizathu zokwelashwa, uyalelwe ukuba abike esiteshini samaphoyisa eBooysens kanye ngesonto, masonto onke, kuze kube uyavela enkantolo.