KUHLEHLE isigcawu sokuqondisa ubugwegwe owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, kubangwa eyokuthi ubefuna ukuzifikela mathupha.
UZuma akazange aye esigcawini abebizelwe kuso ebesibanjwe ngezobuchwepheshe, izolo.
Kunalokho uZuma uthumele owayeyilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uMnuz Tony Yengeni, ukuba eyomumela.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe uYengeni ufike wakubeka kwacaca ukuthi uZuma ufuna ukuthi azifikele bukhoma esigcawini, singabanjwa kusetshenziswa ezobuchwepheshe.
"Emva kwempikiswano ende, ikomiti eliqondisa ubugwegwe linqume ukuthi isigcawu sizobanjwa kusetshenziswa ezobuchwepheshe kodwa ke sabe sesiyahlehla. Kuphakanyiswe ukuthi sibe ngoJulayi 23.
I-ANC icele ukungajahwa ngesikhathi iqala ukushushisa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, osehola iMK.
Le nhlangano inxuse ukunikwa ithuba lokuthi ishushise uZuma ngasese, yaveza ukuthi isinqumo esizothathwa yikomiti eliqondisa ubugwegwe angeke simenyezelwe ngokushesha.
Okhulumela i-ANC, uMnuz Zuko Godlimpi, uthe isigcawu siqhubekile ngendlela obekuhlelwe ngayo, kusetshenziswa ezobuchwepheshe.
UGodlimpi uthe abezindaba abavumelekile ezigcawini ze-ANC zokuqondisa ubugwegwe.
“Kunenqwaba yemibuzo esiyitholayo eqhamuka kwabezindaba ngalolu daba. Isinqumo sizomenyezelwa uma ikomiti selilalele laphinde lahlaziya zonke izethulo. Angeke ngikwazi ukusho ukuthi isinqumo sizophuma emva kwesikhathi esingakanani ngoba konke lokho kuncike ekutheni ikomiti lizothola izethulo ezingakanani.”
UNobhala-Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ubezokwethula ubufakazi kulesi sigcawu.
UMbalula usekusho kaningi ukuthi isinqumo sikaZuma sokweseka iMK senze ukuthi i-ANC ihluleke ukunqoba ukhetho ngamalengiso.
Okokuqala emlandweni, i-ANC yathola ngaphansi kuka-50% wamavoti okhethweni, yalahlekelwa iKwaZulu-Natal, yaphinde yahluleka ukuwina ngamalengiso ezifundazweni, iGauteng neNorthern Cape.
Ngakolunye uhlangothi iMK yona yafika kwezwakala njengoba yalala isithathu.
Ekhuluma engqungqutheleni ebihlelwe yinyunyana yabasebenzi, iNehawu, uMbalula uthe amavoti angaphezu kuka-2 million atholwe iMK okhethweni abezotholwa i-ANC.
“Abantu bethu bakhethe ukuvotela iMK, lokho kufanele sikuvume.”
UZuma usolwa ngokuphula imigomo ye-ANC njengoba amemezela ukuthi uzokhankasela iqembu ebelincintisana nayo okhethweni, waphinde wanxenxa nabantu ukuthi bangayivoteli i-ANC.
UZuma kwakufanele ashushiswe ngaphambi kokhetho kodwa isigcawu sabuye sahlehliswa ngenxa yokusabela udlame.
Izolo bekunengcosana yamalungu eMK abecula bude buduze namahhovisi e-ANC.