ALIKAHLOLWA namanje ingqondo iphoyisa likaMasipala weTheku elibhekene necala lokubulala intombi yalo ebinguzakwabo emsebenzini.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi uConstable Sizwe Ngema (27) evela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Usolwa ngecala lokugwaza abulale uConstable Bianca Khuzwayo (23) eflethini lakhe elisenkabeni yeTheku ekupheleni kukaMashi. Uphinde asolwe nangecala lokweba iselula kamufi.
Ngesikhathi evela ngesonto eledlule enkantolo, uMbuso waphakamisa ukuba lihlehliselwe izolo icala ukuze ayohlolwa ingqondo.
Bekulindeleke ukuthi kumenyezelwe imiphumela yokuhlolwa kwakhe ingqondo izolo kodwa uMshushisi, uMnuz Calvin Govender waveza ukuthi akakahlolwa.
“UMbuso unesicelo sokuthi lihlehliselwe ikusasa (esho namuhla) icala ngoba umsolwa akakahlolwa ingqondo. Lokhu kwenzeke ngenxa yokuthi udokotela obekelwe ukuthi enze lo msebenzi ubebambeke kwelinye icala athula kulo ubufakazi lonke leli sonto eledlule,” kusho uGovender.
Uqhube wathi ngokwezinhlelo, bekulindeleke ukuthi udokotela amhlole izolo ntambama ngo-2 bese ephothula umbiko wakhe khona izolo.
Ubuye wathi umsolwa uzogcinwa esitokisini sasesiteshini samaphoyisa iDurban Central ukuze kusondezelwe udokotela ozomhlola.
Ummeli kamsolwa, u-Advocate Ravi Reddy uqinisekise ukuthi uyakwazi konke okushiwo uGovender.
Ube esebuza inkantolo ukuthi ngeke yini kwenzeke ukuthi umsolwa asale esecela ibheyili emva kokufundwa kombiko kadokotela.
IMantshi, uMnuz Scelo Zuma, ithe kuzobonakala namuhla ukuthi lokho kungenzeka yini, ngokubuka uhlu lwamacala azongena.
Umsolwa ubedlubhe ijakhethi ebomvu, ekhophoza, esonge izandla zakhe zingaphambili.
Umndeni kamufi, ubugcwele ngezinkani enkantolo. Ngaphambi kokuqala kwecala, umamkhulu kamufi, uNksz Mpume Khuzwayo, wehlulekile ukubamba izinyembezi, waphuma wayokhala ngaphandle kwenkantolo.
Kuthe inkantolo isilihlelisile icala, aphuma amalungu omndeni ayomthulisa.
Emva kokubulawa kukamufi ngoMashi 31, umsolwa kuthiwa wafaka i-video ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa umufi eshona.
Kule video, kwakubonakala umufi ephuma igazi ngomlomo nangamakhala, esifubeni kwakugcwele igazi, kwakusabhajwe ummese okusolwa ukuthi wamgwaza ngawo.
Le video kuthiwa umsolwa akagcinanga ngokuyinameka ezinkundleni zokuxhumana kuphela, kodwa wabuye wayithumela kwabanye abasondelene nomufi, okukhona kubo nomngani.