LIBUYELA eNkantolo yeMantshi yase-Estcourt icala elibhekene nabayisihlanu abadubula owesifazane (63) wafa eHlathikhulu, Estcourt, ngasekupheleni kwenyanga edlule.
NgoLwesibili, ngesikhathi bevele enkantolo abasolwa, oMnuz Khululeka Simo Cele (32), Mxolisi Gcaba (30), Sihle Sboniso Sikhakhane (35), Cebo Zulu (32) noNksz Ncamile Zomakahle Ngcobo (30), oyedwa wabo uthe akakabi naye ummeli ozommela.
Umufi, uNkk Khombisile Ester Zuma (63), ungunina kamnakwabo kalona wesifazane oboshwe nabane abasolwa ngokuba yizinkabi zakhe.
Ngosuku lwesigameko kuthiwa abasolwa bagasela emzini kamufi ngenhloso yokubulala uNksz Zinhle Mazibuko (30), ongumnakwabo kalona wesifazane.
Kuthiwa ngezikhathi zasemini, ngaphambi kokuba kwenzeke isigameko, uNksz Mazibuko wayekade ezolotsholwa yisoka lakhe, umsolwa wesifazane abeyingoduso yalo.
Okuhlaluke enkantolo ukuthi umsolwa oyedwa ukhale ngokuthi akanaye ummeli ozommela, wacela ukunikwa isikhathi ukuthi azitholele ummeli naye njengabanye asebenabo.
Indodakazi kamufi, uNksz Nosipho Mazibuko, ithe amalungu omndeni wakhe kanjalo nomphakathi abeyile enkantolo.
“Amalungu omphakathi aze amasha kancane ngaphandle kwenkantolo ukuzwakalisa ilaka lawo ngecala,” kusho uNksz Mazibuko.
Uthe basamile ekutheni abasolwa bangayinikwa ibheyili ngoba bazizwa bengaphephile namanje.
“Udadewethu nje okunguye owayefunwa, akezanga enkantolo. Umndeni uvumelene ngokuthi angezi ngoba asazi ukuthi uphephe kangakanani. Nomyeni wakhe ngokunjalo, naye uthe ngeke eze ngoba uzizwa engakhululekile ngokuza enkantolo kukhona nezihlobo zalowo owayeyingoduso yakhe oboshiwe,” kusho uNksz Mazibuko.
Ngosuku lwesigameko umufi kuthiwa wahlaselwa ehleli nabanye omakhelwane ababesaziphuzela utshwala besizulu emva kwezingxoxo zamalobolo.
Abasolwa babanjwa ngaseMooi River emva kokuthi umndeni uhlabe umkhosi ezihlotsheni ezihlala ngakhona (eMooi River) nasemaphoyiseni.