UMMELI kammangalelwa wesihlanu ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, u-Adv Zandile Mshololo uhlabe indlela yokuziphatha kwamaphoyisa, ngesikhathi ehloma ngemibuzo ummangalelwa wesibili, uMnuz Bongani Ntanzi.
Kula maphoyisa kukhona nofakazi ongaphambi kwenkantolo njengamanje, uConstable Vusimuzi Mogane, okunguye ophekwa uMshololo ngemibuzo.
UMshololo ukhale ngokuthi uMogane nozakwabo babopha uNtanzi ngecala laKwaNongoma lesibhamu, kodwa kwathi uma esengaphakathi bampheka ngemibuzo ngecala lokubulawa kukaMeyiwa.
“Engikushoyo ukuthi ngesikhathi nimphosa imibuzo, ngecala laseVosloorus (likaMeyiwa), wayengaboshelwe lona,” kusho uMshololo.
Ubuze ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi bethi ummangalelwa bembophele elinye icala, bese bemphenya ngelinye abangambophelanga lona.
Eziphendulela uMogane uthe ayemaningi amacala ababewaphenya ngommangalelwa.
UMshololo uthe ngokwenza kwabo kanjalo, badala ukudideka okukhulu kummangalelwa.
Kungenele uBaloyi othe akaqondi ukuthi umbuzo kammeli ubhekephi.
“Ummangalelwa uboshelwe elinye icala, wabekwa lona, kodwa nina (ebhekise kufakazi) niyamkhipha esitokisini niyompheka ngemibuzo, ngelinye icala angaboshelwanga lona futhi angabekwanga lona,” kugcizelela uMshololo.
UMogane uzihlangulile wathi babengambuzi ngecala likaMeyiwa kuphela, babembuza nangamanye, okubandakanya nalo elaKwaNongoma.
Ngaphambi kwalokho uMogane ngesikhathi ephekwa ngemibuzo, u-Adv Thulani Mngomezulu ongummeli kammangalelwa wokuqala, uMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya nowesibili, uNtanzi, ubephika yonke into.
Uphike eyokuthi weyeshawa uNtanzi ngesikhathi ekhishwa esitokisini eyophenywa.
“Kumele asho ukuthi washawa ubani, kephi, nini, ngoba mina ngeke ngikwazi ukuphendula into engingayazi,” kusho uMogane.
UMngomezulu uthe ufuna ukucacisa ukuthi kwaphela amahora angu-17 bemkhiphile esitokisini kodwa uphenyo lwabo lwathatha amahora amathathu.
“’Lawa amanye amahora angaphezu kuka-12, nanenzani?” kubuza uMngomezulu.
UMogane uthe into eyaholela ekutheni kweluleke isikhathi ukuthi kwakunamanye amacala ababesamatasa ngawo abathatha uNtanzi baya naye kuwo.
UMngomezulu akafunanga nokuyizwa leyo ethi kwakhona lokho kwaba ukunyathela amalungelo kaNtanzi.
Icala liyaqhubeka.