UGXEKE ukubulawa kwezinduna ezimbili ezehlakalweni ezehlukene KwaZulu-Natal uMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi.
KwaNondayana KwaCeza, ngoMsombuluko kudutshulwe kwafa induna yobukhosi bakwaButhelezi, KwaPhindangene, uMnuz Sibongiseni Wilson Buthelezi (51).
Kuthiwa abasolwa bamhlasele esendleleni eya esigcawini samacala enkantolo yesizwe, kuthiwa kwale ngisho esezama ukubaleka, bamkaka bambulala. Kulesi sigameko kulimale nomunye owesilisa abehamba naye, okumanje usesibhedlela.
NgoMgqibelo, kudutshulwe kwabulawa uNkk Jabulile Joyce Makgosi (78), ohlaselwe ekhaya eSleevdonald eDannhauser. Kuvela ukuthi kugasele abasolwa abangaziwa, bavulela ngenhlamvu. Kugcine kulimala nomunye owesilisa ophuthunyiswe esibhedlela.
UMfu Buthelezi uthe kuyamkhathaza ukuthi izigameko zalolu hlobo zishiyane ngezinsuku ezimbalwa.
“Kudweba isithombe esingesihle ngodlame,” kusho uMfu Buthelezi.
Uthe badangele ngokubulawa kwenduna uButhelezi, wathi badlulisa amazwi enduduzo enkosini uZuzifa Buthelezi.
Ephawula ngokubulawa kukaNkk Makgosi, uthe kuyamkhathaza ukubulawa kwabesifazane ngesihluku.
Unxuse zonke izinhlaka zamaphoyisa nomphakathi ukuthi basebenzisane ukuze abenzi bobubi babanjwe bese bebhekana nengalo yomthetho.
Inkosi yakwaButhelezi, uZuzifa Buthelezi, uthe kuyakhathaza ukubulawa kwabaholi bomdabu nsuku zonke.
“Cishe ayikho inkosi engakaze yehlelwe yilokhu endaweni yayo. Egameni lethu sonke singamakhosi ngithi lokhu akubekezeleki,” kusho uButhelezi.
Uqhube wathi basalishaya namanje ikhwelo emaphoyiseni ukuthi awaphenye bese eyabopha.
“Ingalo yomthetho mayibonakale, izwakale ukuthi ikhona iyasebenza. Kuyajabhisa ukubona izinga lobugebengu obunesihluku nezinga lokubopha ababulali kushiyana kakhulu. Iyingcosana impumelelo yokubopha kunezinhlekelele ezibikwa nsuku zaphuma,” kusho uButhelezi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda eqinisekisa isehlakalo saseDannhauser, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kwababili ekhaya labo eSleevdonald ngoMgqibelo.
“Owesifazane (78) ushonele endaweni yesigameko, kwathi owesilisa waphuthunyiswa esibhedlela emva kokulimala. Imbangela yokubulala ayikaziwa,” kusho uNetshiunda.
Kwesokubulawa kukaButhelezi, uthe KwaCeza amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala emva kokudutshulwa kwababili, kwashona oyedwa ngoMsombuluko.
“Abagilwa bebesemotweni ngesikhathi kuthushuka abasolwa abangaziwa, bavulela ngenhlamvu, owesilisa (51) washonela khona lapho,” kusho uNetshiunda.
Uthe olimele udubuleke edolweni, waphuthunyiswa esibhedlela kanti imbangela yokudubula ayaziwa.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal sibhekene nengwadla yokubulawa kwabaholi bomdabu njengoba kunezinduna namakhosi angaphezu kuka-50 asesocongiwe kusukela ngo-2019.