IPHINI likaNgqongqoshe eMnyangweni weMfundo ePhakeme uMnuz Buti Manamela, selikhwele ladilika kulabo abafuna ucansi kwizitshudeni ukuze bazigixabeze ngamamaki amahle.
UManamela uphinde wagxeka nabanye abaholi bemikhandlu yezitshudeni abafuna ukulala nezitshudeni ngaphambi kokuzisiza.
Uthe kunemigomo abayibekile yokunqanda lezi zehlakalo ezikhungweni zemfundo ephakeme.
“Le migomo izosiza ekutheni labo abahlukumezekile basheshe bathole usizo ezikhungweni. Siyabagxeka abafuna ucansi kwizitshudeni bezithembisa amamaki. Kanjalo nalabo abafuna ucansi ngoba izitshudeni ziye emahhovisi abo ziyofuna usizo ekubeni bengabaholi bemikhandlu yezitshudeni. Lezi zinhlelo sizenza ngaphansi kwesikhungo somnyango iHigher Health, ezikhungweni ukuze kube lula ukuthi izisulu zibike. Nezibalo zobugebengu ziveza ukuthi u-10% wamacala okudlwengula kuleli, ubikwa ezikhungweni zemfundo.”
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ephendula imibuzo yamalungu oMkhandlu weziFundazwe ePhalamende.
UManamela uthe banethemba lokuthi luzohamba kahle uhlelo lokukhokhela ngqo izitshudeni okwenziwa yiNSFAS.
Ukusho lokhu nje ezikhungweni eziningi izitshudeni zikhala ngalolu hlelo umsebenzi wokuzikhokhela onikwe izinkampani ezine ezizimele.
“Njalo uma kuqalwa uhlelo olusha kuba nezinkinga. Zibalelwa ngaphezu kuka-80% izitshudeni esezikhokhelwe ngaphansi kwalolu hlelo. Sinethemba lokuthi ngokuzayo, izinkinga ezikhona zizokwehla,” kusho uManamela.
Unxuse izitshudeni ezichithwe yiNSFAS ukuthi ziphindele ziyobheka imininingwane yazo.
Kunenqwaba yezitshudeni ezichithwe yilesi sikhwama. Ezinye izitshudeni ezibalelwa ku-30 000 ziphucwe uxhaso ekubeni bese zilutholile.
“Besingeke siqhubeke sixhase izitshudeni obekungamele sizixhase. Uphenyo lwethu luveze ukuthi inqwaba yeziphucwe uxhaso kwakungamele ukuthi ziluthole.”
Uthe ngomuso bahlela ukulula isikhathi sokufaka isicelo soxhaso kanjalo nesikhathi abaphendula ngaso.
“Sincane isikhathi esikhona sokufaka izicelo kanjalo naleso sokuthi izitshudeni ziphendulwe. Yingakho sihlele ukuthi silule isikhathi ukuze sanele sokuthi kufakwe izicelo, kubhekwe yonke into bese kuphendulwa labo abathole uxhaso. Ngale ndlela sifuna ukuthi kungabikhona abazokhala ngokuthi besingenele isikhathi.”
Uthe kulahleka izigidi ngokuxhaswa kwabantu okungafanele baxhaswe kuleli.
Uqhube wathi okubalulekile ngukuthi kumele kuxhaswe abantu abafanele.