KULINDELEKE ukuthi inkantolo ikhiphe isigwebo ecaleni likanesi owaqasha izinkabi ezabulala umyeni wakhe owayewunjiniyela.
Ibamba lejaji, uSolwazi Bonke Dumisa, kulindeleke ukuthi liwise isigwebo eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Luwubekele uMsombuluko noLwesibili umsebenzi wokufundwa kwesigwebo ngenxa yobufakazi obuningi elethulelwa bona.
Phambilini uDumisa walahla ngecala lokuthumba, elokubulala ngokweba imoto uNompumelelo Goncalves.
Lo wesifazane walahlwa ngamacala benomfowabo uNkosinathi Zungu.
UZungu, nayekade eqashwe nabo, babulala uMnuz Nkosi Timmy Langa, owayewunjiniyela kaTransnet.
Bamthumba emzini wakhe ePinetown ngobusuku bangoSepthemba 29, 2020 bayombulalela emahlathini oZwathini, eNdwedwe.
Bazihlangula kwaze kwaba uDumisa ubalahla ngalawa macala ngo-Ephreli nonyaka.
UNksz Zodwa Langa ongudadewabo kamufi, ufuna inkantolo ukuthi igixabeze ababulali ngodilikajele.
UNksz Langa uthe uyobe ubathobe amanxeba uDumisa uma ebanikeza izigwebo ezizobahlalisa ejele isikhathi eside laba ababili.
“Silindele ukuthi ijaji libanikeze udilikajele ababulala, ikakhulukazi uMpume (Goncalves). Lokho kuzosisiza ukuthi sikwazi ukuphola nasemoyeni ngoba abakwenza kwasizwisa ubuhlungu,” kusho uNksz Langa.
Phambilini ehlulela uDumisa watusa ubuchwepheshe besimanje wathi uMbuso ukwazile ukwethula ubufakazi obuqanda ikhanda uvezela inkantolo ukuthi yilaba ababulala uLanga.
Umshushisi u-Advocate Krishen Shah wayesebenzisa ubufakazi bezingcingo eziqoshiwe, obe-tracker yezimoto, obasemabhange, obemibhoshongo okudonsa khona amafoni wabiza nochwepheshe bamafoni.
Inkabi uJames Makhudu Mthimkhulu, engomunye yabantu abaqashwa uGoncalves yathenjiswa uR15 000, yalivuma icala yagwetshwa iminyaka engu-20 ejele.
UMthimkhulu waphenduka ufakazi woMbuso wazininda kanye nalaba abazogwetshwa.
Watshela inkantolo ukuthi uyena noZungu abaklinya ngentambo ye-ayina uLanga washona. Wathi abakwenza bebulala babeqashwe uGoncalves.