KUPHINDE kwaphoqeleka ukuthi liguqe icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa kugula ummeli u-Advocate Thulani Mngomezulu, ekhomba inkinga esifubeni ephelelwa nayizwi.
UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng ngo2014. Kule nyanga kuphela iminyaka eyisishiyagalolunye kwabulawa uMeyiwa kodwa akekho osagwetshiwe.
UMngomezulu umele abamangalelwa owokuqala uMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya nowesibili uMnuz Bongani Ntanzi. Icala liqale kahle ekuseni uMbuso ubiza ofakazi bawo bese abameli bebaphosa imibuzo.
Kuqale uLt Colonel Solomon Raphadu, waphoswa imibuzo kwalandela uConstable Nkosingiphile Maphumulo kwagcina uConstable Wendel Jonathan. Bonke laba bebefakaza ngezikhawu lapho abamangalelwa babegadiwe khona behanjiswa beyovuma amacala nokukhomba indawo yesigameko.
UMbuso ugabe ngofakazi abathi abamangalelwa bavuma amacala basayina izitatimende futhi baya ukuyokhomba kubo kaKelly. UMngomezulu ngesikhathi exakwa wukugula ubematasa ephosa ngemibuzo iphoyisa uJonathan.
UMngomezulu uqale wakhulumela phansi wehlisa izwi kwaze kwakhononda iJaji Ratha Mokgoatlheng lithi alimuzwa. Uzamile ukwenyusa izwi wazolisa ngokukhulumela phansi waqhubeka nemibuzo.
Kuthe kungasanake muntu, uMngomezulu wabika ukuthi sekuyaphika akamuhle kahle ucela inkantolo iguqe.
“ Nkosi yenkantolo angizizwa kahle angiphilile kukhona okungixina esifune yingakho izwi lami lingasaphumi kahle. Ngicela ukuthi inkantolo iguqe angikwazi ukuqhubeka,’’ kusho uMngomezulu.
Ijaji licele ukuzwa okuthe xaxa libuza sakudlala ukuthi ngabe usola imithi yabantu yini njengoba egula. UMngomezulu uphendule wathi impela uyasola ukuthi kukhona omphonsayo kwase kuhlekwa.
ijaji ligcine lithe akuguqwe kuzobuywa ngoMsombuluko kuqutshekwe nodaba.
“ Ngenxa yokugula okubikwa wuMngomezulu, kuhle ukuthi siguqe sibuye ngoMsombuluko,’’ kusho ijaji lase libuza ufakazi ukuthi uzobe ekhona yini wavuma. Bekungaqali ukuthi kugule umuntu enkantolo kuleli sonto njengoba utolika ebike ukugula kwaphoqeleka ukuthi icala liguqe laze labuya ngakusasa.