KUPHOQELEKE ukuthi lisheshe liguqe icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa emuva kokuthi utolika, UMnuz Jonas (igama alitholakalanga), ebike ukugula. UMeyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng ngo2014.
Ekuseni kuqale kwaqedelwa ukuphekwa ngemibuzo kukaLt Colonel Nkosikhona Radebe kwase kubizwa omunye ufakazi oyiphoyisa ongahlalanga kakhulu ebhokisini. Ubuzwe imibuzo embalwa wadedelwa.
UMbuso ubize ufakazi uLt Colonel Mohale Solomon Raphadu, oyinhloko yabaseshi esiteshini i-Ennerdale, eGauteng. URaphadu ubezofakaza ngesitatimende sommangalewa wesibili, uMnuz Bongani Ntanzi, okuthiwa wavuma ngaso icala.
Abameli bathe bafisa ukufaka isicelo sokuthi sichithwe isitatimende. U-Advocate Thulani Mngomezulu, omele uNtanzi, uqinisekise ukuthi basiphosela inselelo isitatimende.
“Ummangalelwa uthi akasibhalanga isitatimende, washaywa phambi komunye ufakazi, waphoqwa ukuba avume okuthile. Uthi isitatimende sasivele sesibhaliwe salethwa kuyena ukuthi asisayine,’’ kusho uMngomezulu.
IJaji Ratha Mokgoatlheng lithe abameli bazonikwa ithuba bafake isicelo sokuchitha ubufakazi besitatimende ngoba umthetho uyavuma.
“Ngigunyaza ukuthi kube necala phezu kwelinye ngoba ummeli ufisa ukusiphosela inselelo isitatimende. UMbuso kufanele ukuveze kucace bha ukuthi isitatimende satholakala ngendlela efanele yini. Kufanele kuzwakale ukuthi ummangalelwa wasenza ngokuthanda kwakhe engaphoqiwe njalo njalo,’’ kusho ijaji.
Ngesikhathi sekufanele kuyiwe ekhefini lasemini, umshushisi u-Advocate George Baloyi, uveze udaba lokugula kukatolika.
“Nkosi yenkantolo, bengiphathisile kumabhalane ukuthi abike ngokugula komunye wabasebenzi benkantolo, bengiphakamisa ukuthi sivele siguqe manje, sesiyobuya kusasa ukuze simnike ithuba lokuthi alulame kahle namuhla ntambama,’’ kusho uBaloyi.
Ijaji libuzile kuBaloyi ukuthi wubani lowo okuthiwa uyagula, waphendula wathi wutolika. Ijaji nabameli abakuphikisanga ukuguqa kwecala. U-Advocate Sipho Ramosepele ongomunye wabameli ucele ukuthi abamangalelwa bangaqali bahanjiswe, ufisa inguyazana nabo.